
Abasebenzi Abahlanza i-UKZN Babalwa Namaqhawe Ekulweni ne-Coronavirus
Click here for English version
Abasebenzi abahlanza isikhungo kade bematasatasa behlanza futhi bebulala amagciwane emakhempasini ase-UKZN ukuqinisekisa ukuthi lezi zindawo ‘ziphephile’ ukusetshenziswa ngabantu baseNyuvesi.
I-Campus Management Services (i-CMS) ibhukulile ngemuva kwesimemezelo sangomhla wokuqala kuNhlangulana (June) esasithi iNingizimu Afrika isiya eSigabeni sesi-3 somvalelwandlini esathambisa imigomo eyabe ikhona.
Emkhakheni wezeMfundo ePhakeme iSigaba sesi-3 savumela ukuthi abafundi abangamaphesenti angama-33 bangabuyela emagcekeni eNyuvesi nasezindaweni zokuhlala inqobo uma zizohlala kahle ngokuhambisana nemigomo yezimpilo neyokuphepha.
Kulabo ababuyela emagcekeni ase-UKZN kwakukhona abafundi esezizophothula iziqu zazo kulo nyaka, ezenza izifundo zezempilo ezibaliweyo, abanokukhubazeka, amalungu oMkhandlu WabaFundi, abalekelela lapho kuhlala khona abafundi, abalekelela ngezindaba zabafundi, abafundi ezingakwazi ukungena ku-Moodle, abafundi abenza iziqu eziphakeme ezidinga izinsiza zamagumbi okuhlola izinto, abafundi abenza i-onazi nabenza ama-diploma aphakeme abadinga ukusebenzisa izinsiza zamagumbi okuhlola nalabo bafundi abalekelela ngokukhombisa emagunjini okuhlola.
Phakathi kwemikhankaso eqalwe yi-UKZN kubalwa ukuhlolwa kwabo bonke abangena emagcekeni kanjalo neso elibukhali labasebenzi base-CMS.
Abasebenzi ababuyele enyuvesi bacathuliswe ngo-Zoom Ngemigomo Yokuphepha ye-COVID-19. Abasebenzi abahlanza isikhungo bakhombise ukuthi bakulabo ababalwa namaqhawe emkhankasweni wokulwa ne-coronavirus e-UKZN, bebehamba phambili emkhankasweni wokuqinisekisa ukuthi amagceke enyuvesi ‘aphephile’. Abasebenzi baqeqeshiwe ngezindlela zokwenza izinto okukhona kuzona ukubulala amagciwane ezindaweni ezithintwayo okubalwa kuzo amadeski, izihlalo nezindawo zikawonkewonke.
Ukuhlanzwa njalo kuzohambisana nezidingo zomnyango ngamunye njengoba kubuya abasebenzi nabafundi. Ama-LAN azovulwa kusukela ngoMsombuluko kuya koLwesihlanu phakathi kwehora lesishiyagalombili ekuseni kuya ekugamanxeni kwelesine ntambama kuthi kusukela kwelokuqala kuya kwelesibili emini kuvalelwe ukuhlanza nokubulala amagciwane.
UMnu Sifiso Cele, uMphathi woMnyango wezokuhlanza nezokuthutha, uthe: ‘Sibonga ukuzinikela kwabasebenzi bethu kulesi simo. Sethemba ukuthiabafundi bazobambisana nathi uma sebebuya.’
Abasebenzi bachazekile wumsebenzi wabasebenzi base-CMS. ‘Ngichazekile ngokuzinikela komnyango wezokuhlanza ngesikhathi semvalelwandlini, ikakhulu ukuhlinzeka ithimba eliningi ngezinto zokuphepha,’ kusho omunye umsebenzi wase-Vibration Research Testing Centre.
Yimizamo enjena yomphakathi wonke eyenza ukuthi sinqobe igciwane ndawonye noma sihlukene.
Amagama: ngu-Samantha Ngcongo
Isithombe: Sithunyelwe