
Isifundiswa Sezamakhompyutha Engxoxweni Yobuchwepheshe Obuveza Ubuso
Click here for English version
UThisha Osemnkantshubomvu eSikoleni Sezibalo, Izibalomidanti neZifundo Zekhompyutha, uDkt Brett van Niekerk, ubeyilungu lephaneli ebelisenkundleni yezokuxhumana ngokubuchwepheshe ebelidingida isihloko esithi: The Future of Facial Recognition Tech in Africa.
Inkulumo ibihlelwe yi-Institute for Security Studies (i-ISS) kanti ibiholwa nguMeluleki oMkhulu kwezoCwaningo, phecelezi i-Research Advisor for Emerging Threats in Africa, uNks Karen Allen, isikhulu esiphezulu e-iiDENTIFii uMnu Gur Geva, nongoti wesayensi yezobugebengu ne-artificial intelligence uNks Renee Cummings waseMelika.
Ingxoxo ibindlalelwe ngulwazi oluthi ukuveza ubuso bomuntu ngobuchwepheshe kungasetshenziselwa ukungena kwabantu endaweni ethile kanti futhi kungasetshenziswa yilabo ababhekele ezomthetho. Iqiniso ukuthi lokhu kuthinta ilungelo lobumfihlo nobuqiniso uma kwenzeka kuboshwa umuntu okungeyena ngenxa yobuchwepheshe obubonisa umuntu okungeyena. Ngenxa yobunjalo bobuchwepheshe, le mininingwane iyimfihlo.
ENingizimu Afrika kwengezwe imibandela emisha ye-Protection of Personal Information Act kusukela mhla lu-1 kuNtulikazi, odinga ukuthi ubuchwepheshe obuveza ubuso bomuntu, ikakhulu imininingwane esetshenziswayo kufanele kuphephe kakhulu.
Umongo wenkulumo ka-van Niekerk ibisekuvikeleni ubuchwepheshe. ‘Imvamisa ubuchwepheshe obusha buxhunywa ebuchwephesheni benkampani, ngisho nakwi-inthanethi, bese inganakwa kakhulu indaba yokuthi kusho ukuthini loku ngezokuphepha,’ kusho u-van Niekerk.
‘Sekuke kwaba nezigameko lapho “kugqekezwa” khona ubuchwepheshe bokuqapha be-CCTV, kwenye inkathi ukugada kanti kwenye inkathi ukuhlasela. Uma indlela eveza ubuso bomuntu iphazamisekile, loko kungaba nemiphumela efanayo noma leyo mininingwane intshontshwe yizigebengu. Yingakho kumqoka ukuthi kuhlale kulandelwa izindlela zokuqapha ezisezingeni eliphezulu ukuvikela ubuchwepheshe ukuze kunciphe ingozi yokuthi bugqekezwe nokunciphisa umonakalo enhlanganweni uma “kugqekezwa”,’ kusho yena.
I-ISS yinhlangano engenzi nzuzo enamahhovisi eNingizimu Afrika, eKenya, eTopiya naseSenegal Umsebenzi wayo ugxile ekucubunguleni imibango nokuphatha, ukuletha nokwenza ukuthula, ukunqanda ubugebengu, ezomthetho namacala aphakathi kwamazwe kanjalo nokuvikela ubugebengu kwezamanzi olwandle.
U-van Niekerk, owayenguMcwaningi Ohlonishwayo Ovakashile e-UKZN kusukela ngoNtulikazi wangowezi-2014 kuze kube uqala ukusebenza khona ngokugcwele ngoZibandlela ngowezi-2017, ufundisa izifundo ezithinta ezokuphepha kanjalo nezifundo zonyaka wokuqala nowesibili.
Uthanda ukucwaninga ngezinto ezithinta ezokuphepha kuleli naphesheya kwezemfundo ephakeme. Ungomunye wabahleli abakhulu ababambisane be-International Journal of Cyber Warfare and Terrorism nephini lomhleli we-The International Journal of Information Security and Privacy.
Amagama: I-NdabaOnline
Isithombe: Sithunyelwe