
Abafundi Base-UKZN Baseka Uhlelo Lokufundela Emakhaya
Click here for English version
I-Numeric Distance Learning Project ihehe abafundi bezemfundo abali-17 base-UKZN abavume ukunikela ngekhono lazo lokufundisa nolwazi lwabo ohlelweni lokufundisa izibalo kubafundi bamabanga amancane eGauteng, eNtshonalanga Kapa naKwaZulu-Natali.
I-Numeric yinhlangano engenzi nzuzo nomlingani weSikole sezeMfundo sase-UKZN, esiza abantu abasakhula baseNingizimu Afrika ukuthi bavelele ezibalweni futhi iqeqeshe nothisha.
I-Numeric isebenzisana nezikole zamabanga aphansi ezingama-45 ezindaweni zabantulayo kanti ifinyelela kubafundi abangama-2 400 minyaka yonke kanti isisebenzisane nentsha ecela ezi-11 500 kusukela yasungulwa. Izinhlelo ze-Numeric zifundisa abafundi amahora ayikhulu izibalo minyaka yonke ngamakilasi kabili ngesonto ezikoleni zamabanga ayisisekelo.
‘Uma sibheka umvalelwandlini nokuthi asikwazi ukubonana ubuso nobuso nabafundi bethu, siqale indlela entsha yokufundisa ehambisana nobuchwepheshe obungabizi lapho sikwazi ukufinyelela kubafundi bethu abayizi-1 550 ezweni lonke sisebenzisa ama-WhatsApp Group, u-Facebook nama-SMS,’ kusho isikhulu esiphezulu se-Numeric uNks Kristen Thompson.
‘Abafundi bethu baxhumana nomqeqeshi (ofundela ukufundisa) nge-WhatsApp Group lapho bethola khona amavidiyo ezifundo ngesiNgisi noma ngesiZulu, bathole umsebenzi wesikole, badlale imidlalo yezibalo nokuphicaphicana nokudingida izinto kabili ngesonto. Zonke lezi zinsiza ziyatholakala kwi-website yethu ethi (www.numeric.org/learning-tools).’
Abafundi abaningi base-UKZN babe neqhaza ekwenziweni kwala mavidiyo nezinsiza.
Umfundi wezemfundo uMnu Sazi Nxumalo uthi iqhaza laso ekufundiseni abafundi bekude kusifundisile. ‘Kuningi engikufundile njengokuhlela, ukushintsha izinto nokuzilungiselela njengothisha. Ukufundisa ukude kuyinselelo,’ kusho uNxumalo.
‘Kunento eyodwa emqoka okudingeka wonke uthisha abe nayo kanti leyo nto ngubudlelwano obunqala nabafundi. Kujwayelekile ukuxhumana nabafundi ngoba yikona esikwejwayele kodwa leli yithuba elisha kimina njengoba lo msebenzi kungowokwakha ubudlelwano siqhelelene. Inhloso enkulu ngukunikela emphakathini nokweseka abazali eqhazeni okufanele balibambe.’
Umlingani wakhe uNks Nombulelo Ngobese wengeze ngokuthi: ‘Into eyodwa emqoka okungifundise kona loku yisineke. Sithumela ividiyo nomsebenzi wesikole kumfundi kanti kungathatha izinsuku ezimbili ukuthi abafundi babuyise izimpendulo. Abafundi bangaba nezinkinga ngezinto ezinjenge-data nezinye izinto ezinjalo, ngakho-ke kufanele ngibe nesineke.’
Ukucija abafundi ezinkundleni zokuxhumana ngobuchwepheshe yinto entsha ku Ngobese. ‘Kumnandi ukukwenza ku-WhatsApp. Iningi lethu lino-WhatsApp ngoba i-data ishibhile okusho ukuthi itholakala kalula ezinganeni. Ukwenza amavidiyo kumnandid kodwa kuyinselelo. Kudingeka ukuthi ushaye ngamafishane, uhlale odabeni kodwa ube uchaza konke okudingeka akwazi umfundi.’
UMnu Luvuyo Notshokovu, ohola ithimba lase-Numeric eThekwini, uthe: ‘Ngakhula ngazi ukuthi ukufundisa kusho umuntu omi phambi kwakho ephethe ushoki nedasta. Ngiyamangala uma ngibona izinga lokuxhumana nabafundi abalikhombisa ku-WhatsApp ngokubuka amavidiyo nokubuza imibuzo nokuxhumana bekude. Ngiyaziqhenya ngabafundi base-UKZN ababambe iqhaza. Kukhombisa ukuthi izwe lenza ngako ngoba sinabantu abasha abakhombisa ukukhathalela umkhakha wemfundo wonke.’
Kumanje bangama-284 abafundi baKwaZulu-Natali abakhona ohlelweni lokufunda bekude.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe