Kusukela kwesobunxele: uDkt u-Upasana Singh, uSolwazi u-Labby Ramrathan noSolwazi u-Anil Kanjee.Umkhankaso Wokushintsha Ikharikhulamu YezesiNtu Ugxile Ekuhloleni Okuqhubekayo
Click here for English version
Iphrojekthi yaseKolishi lezesiNtu yokushintsha ikharikhulamu eholwa uSolwazi u-Labby Ramrathan, isanda kuba nomhlangano wokucobelana ngolwazi ngokuhlola okuqhubekayo obuholwa uSolwazi u-Anil Kanjee (waseTshwane University of Technology) noDkt u-Upasana Singh (wase-UKZN).
Inhloso bekuwukuchaza ukuthi ukuhlola okuqhubekayo kusho ukuthini, kungani kubalulekile, kufanele kwenziwe kanjani nokuthi kufanele kungene kanjani kwikharikhulamu yezeseNtu. Umhlangano wokucobelana ngolwazi ubugxile ekuhloleni kokufunda.
‘Bheka izinto ezimqoka okudingeka abafundi bazifunde nokuthuthukisa izindlela zokuphumelela nobufakazi bempumelelo (noma izinkomba) kulezi zinto ezibalulekile kanye nokuqhubeka kwezifundo ukuze kubonakale uhambo lomfundi, kubhekwe nendlela afunda ngayo. Izidingo zempumelelo nobufakazi bempumelelo kufanele kucace ngaphambi kwesifundo,’ kusho u-Kanjee. ‘Phawula ngokwakhayo ukusiza abafundi baphucule indlela yokufunda. Khuthaza abafundi ukuthi bafundisane ngokwenza amaqoqa okufunda, ukhuthaze nokuthi bahlolane ulwazi bebodwa. Okunye futhi khuthaza abafundi ukuthi bafundisane.’
Nakuba umhlangano wokucobelana ngolwazi ube usizo futhi ubunesidingo, omunye obebambe iqhaza uthe ukuzihlola wena kungenzeka kubafundi abavuthiwe ngokomqondo kepha u-Ramrathan waphendula wathi: ‘Ukuzihlola kungenzeka kubafundi abavuthiwe ngokomqondo kanti bangakwazi ukuvuthwa ngonyaka wokuqala uma bethola izeluleko nosizo olufanele.’
Igama lombhali: u-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



