Mnu Dion Chang.I-webinar Ibheke Ukuthi Ukuxegiswa Komvalelwandlini Kuzowathinta Kanjani Amabhizinisi
Click here for English version
Umhlaziyi wezihamba phambili nomsunguli we-Flux Trends uMnu Dion Chang ucobelele abantu ngokuthi ukuxegiswa kwemigomo yomvalelwandlini kuzowathinta kanjani amabhizinisi nemikhakha ehlukene enkulumweni yakhe ebizwa ngokuthi The Great Staggering ebiyingqungquthela ngendlela yokuxhumana ngobuchwepheshe yase-Graduate School of Business and Leadership ochungechungeni lwayo i-Webinar Series. Le zithangami zokuxhumana ngobuchwepheshe zihlose ukuthuthkisa abafundi asebeneziqu, abafundi bakudala nabalingani kwezamabhizinisi ngolwazi lokuthi bakwazi ukubhekana nezinselelo ezingakaze zibonakale ngenxa yobhubhane i-COVID-19.
‘I-Great Staggering yindlela engibiza ngayo lesi sikhathi esikusona kusukela kwagasela ubhubhane kuye esikhathini sokutholakala komgomo, cishe okuzokwenzeka ngonyaka ozayo. Lo mhlangano ungowokuqhamuka neqhinga njengoba sisadidekile, kodwa ngigxile kakhulu ezintweni ezintsha njengoba ngikholwa wukuthi lesi yisikhathi sokuqhamuka nezindlela ezintsha zokwenza izinto,’ kuchaza u-Chang.
U-Chang ucobelelane nezethameli ngocwaningo olwenziwe yi-Flux Trend ukuthi kuzoba njani uma sekudlule i-COVID-19. Phakathi kwaloku kukhona ukuthi kwenzekeni ngaphambi kobhubhane nezazihamba phambili zithinta amabhizinisi ngaphambi kobhubhane.
‘Ngizoqala lapho sigcine khona onyakeni wezi-2019. Sonke silandela kuloko okwenzeka eMelika kanti kukhona ithumba elibhobokile ngonyaka wezi-2019 obunzima kakhulu kanti manje sibhekene nokwesaba ubhubhane nomvalelwandlini emhlabeni wonke,’ kusho u-Chang.
‘NgoMasingana noNhlolanja umhlaba umile kanti ngokuxegiswa komvalelwandlini sibona indlela evula amabhizinisi kancane kancane. Iqiniso wukuthi asivumelani ngokuthi yimaphi amabhizinisi azo okufanele athuthele ezindleleni zokwenza izinto ngobuchwepheshe besimanje nokuthi lawo angeke akwazi azosinda kanjani kanti sizobona umonakalo omningi ozohambisana nalezi zinguquko,’ kwengeza yena.
U-Chang uphinde wacobelela amabhizinisi ngamasu ezinto ezinhle ezenziwa ngamanye amabhizinisi ukuze angawi. Wenze isibonelo ngamabhizinisi awayo njenge-Edcon ne-SAA nomphumela onzima umvalelwandlini obe nawo emakhaya ahlwempu nasemnothweni ontengayo waseNingizimu Afrika.
‘Imfihlo yokwenza izinto ngendlela entsha emabhizinisini wukuthi amabhizinisi abheke amaqhinga amasha, anganqeni ukwenza izindlela ezintsha nokucelwa ukwenzelwa ngabanye ongoti. Abaholi kufanele benze indlela evumela isimo esisha, bagqugquzele “isiko lokubhoboka” ezinkampanini futhi baqhubeke nokuqeqesha abasebenzi babo ngamakhono amasha. Zonke izinkampani kufanele zicabange ukuthi igama lazo lizoba nomphumela omkhulu kanjani nenani lalelo gama,’ kusho u-Chang.
Lesi sithangami sobuchwepheshe bokuxhumana sitholakala ku: https://gsbl.ukzn.ac.za/aiovg_videos/gsbl-webinar-series-the-great-staggering/
Amagama: uThandiwe Jumo
Isithombe: Sithunyelwe



