USolwazi Vishanthie Sewpaul noMphathinyuvesi we-Norwegian University of Science and Technology, uDkt Anne Borg.Isifundiswa Sihlonishwe yiNyuvesi Yase-Norway Ngeziqu
Click here for English version
Uthisha wase-UKZN wezeNhlalakahle, uSolwazi Vishanthie Sewpaul, uhlonishwe ngeziqu zobudokotela i-Norwegian University of Science and Technology (i-NTNU), obekungokokuqala emlandweni weNyuvesi ukuthi kuhlonishwe isifundiswa somkhakha wezeNhlalakahle.
USewpaul usake wahlonishwa ngeziqu zobudokotela ezimbili, eyodwa ivela enyuvesi yase-Chile nenye yasesikhungweni semfundo ephakeme sase-Sweden.
‘Nakuba kuhlonishwe mina lapha, kepha kusho ukuthi kuhlonishwe umkhakha wezenhlalakahle, okuwumkhakha ohloniphekile ongibumbile,’ kusho uSewpaul.
I-NTNU ihloniphe amagalelo ka-Sewpaul emazingeni kazwelonke, esifunda nelomhlaba nangokuzinikela emfundweni yezenhlalakahle, ocwaningweni nasemsebenzini ogxile kubulungiswa bezenhlalo, amalungelo abantu nezenkululeko kwezemfundo. Babalule izibonelo zokuhola kwakhe kwezokukhiqiza imibhalo yomhlaba ngokusebenzisa izinqubo ezisatshalalisiwe okubalwa kuzona i-Global Standards for Social Work Education and Training (2004); the Global Social Work Definition (2014) and the Global Social Work Statement of Ethical Principles (2018).
Ukuxhumana kuka-Sewpaul ne-NTNU kuzale izifundo ezintsha ezihlanganisa imikhakha ehlukene ezibizwa nge-Global Ethics and Human Rights, azozifundisa ngokuhlanganyela nabanye.
USewpaul ungusolwazi osathatha umhlalaphansi kodwa osasebenza kanti ungusolwazi e-University of Stavanger e-Norway nosolwazi ovakashile eMid-Sweden University, e-Instituto Universitario de Lisboa (ISCTE) e-Portugal, e-University of Gondar eTopiya, nase-Florida State University eMelika.
Wethule isifundo esihlonishwayo i-Tony Tripodi e-International Social Work e-Columbia University, wethula esinye isifundo e-Fordham University e-New York.
Amagama: nguMelissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



