I-UKZN yethule uhlelo olwehlukile lwezempilonhle yabasebenzi.I-UKZN Igqugquzela Impilonhle
Click here for English version
ISekelashansela NoMphathi wase-UKZN, uSolwazi Nana Poku, umemezele uhlelo lwabasebenzi olusha lwempilonhle olwenzelwe abasebenzi nemindeni yabo.
Uhlelo lunezeluleko zongoti ezitholakala ubusuku nemini; okuyizeluleko kwezomthetho, ezezimali nezomndeni nolunye usizo ngezempilo nezokwelashwa.
Encwadini ayibhalele abantu baseNyuvesi, uPoku uthe: ‘Sethemba ukuthi uhlelo luzonisiza niphile kahle emsebenzini nasemakhaya.’
UMqondisi wezaBasebenzi, uNkk Busi Ramabodu, ufakazele ukuzibophezela kweNyuvesi kwezempilonhle yabasebenzi. ‘Inhloso wukuqinisekisa ukuthi bonke abasebenzi bayayijabulela indlelakuphila enempilo nokuthi uma kuba khona izinselelo, bakwazi ukuthola usizo.’
URamabodu uthe uhlelo luhambisana nesu leNyuvesi ‘lokugqugquzela indawo yokusebenza emnandi lapho abasebenzi bechuma khona’.
Ube namazwi okukhuthaza abalingani abathwele kanzima. Uthe: ‘Singabantu, kanti ngenxa yaloko sibhekana nezinselelo eziningi ezindabeni ezifana nempilo yomuntu nezezimali, ezengqondo, ezenhlalomnotho nezindaba zomndeni. Kubalulekile ukwazi ukuthi iningi lalezi zinselelo ezesikhashana. Noma kunjalo, ukuthola usizo olufanele ngenye yezindlela ezibaluleke kakhulu zokwelapheka nezokwenza ukuthi sikwazi ukubhekana nalezi zinselelo ngaphambi kokuthi zibe nkulu.’
URamabodu uthe kubalulekile ukuthi iNyuvesi ibe nohlelo lokweseka abantu, nge-ICAS Southern Africa, lapho abasebenzi bekwazi ukusizwa umuntu ongachemile; bakwazi ukumhlebela ngezinselelo ababhekene nazo.
Lolu sizo lutholakala ubusuku nemini kubasebenzi nemindeni yabo abahlala nayo enombolweni yamahhala ethi: 0800-254-255.
UPhiko lwezaBasebenzi luphucula isizindalwazisezempilonhle yabasebenzi kanti kuzoba nemijikelezo emasontweni ezayo. Ungabheka lesi sigcawu nezinye izindaba zaseNyuvesi ngeminye imininingwane!
Amagama: nguRaylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: u-Shutterstock



