Abafundi bakamatikuletshini abavelele, uMnu Aaron Naidu noNks Shweta Harilal.I-UKZN “iNyuvesi Ehamba Phambili” Kuziqengqe Ezimbili ZikaMatikuletsheni Esifundazweni
Click here for English version
Abafundi baKwaZulu-Natali ababili abavelele kuzivivinyo zikamatikuletsheni wezi-2019 wase-NSC babeke amathemba abo e-UKZN.
UMnu Aaron Naidu ubhalisele iziqu ze-BSc lapho ezogxila khona kwi-Data Science, kwathi uNks Shweta Harilal yena afundele iziqu zobudokotela i-MBChB. Laba bobabili bayingxenye yabafundi abayi-136 abenza unyaka wokuqala abaphase ngamalengiso bathola o-A abayisikhombisa nangaphezulu kuzivivinyo zabo zakumatikuletsheni abakhethe i-UKZN njenge"Nyuvesi Ehamba Phambili".
UHarilal ube ngumfundi kamatikuletsheni ovelele ezikoleni zomphakathi eKZN, kwathi uNaidu waba ngumfundi kamatikuletsheni ovelele ezikoleni ezizimele esifundazweni, walala isibili eNingizimu Afrika.
UHarilal ubhalisele izifundo zobudokotela “eNyuvesi Ehamba Phambili” njengoba selokhu kwathi nhlo iphupho lakhe wukusiza abanye. Unina, uNkk Sunitha Harilal, uthe kusukela isincane indodakazi yakhe yayi “jova” onodoli, izenze udokotela. Bengabazali bayo, bayikhuthaza ukuthi isebenze kanzima ukuze ikwazi ukuthathwa esikoleni sobudokotela.
UMnu Harilal uthe: ‘Ngijabule kabi ngokuzofunda e-UKZN. Ngikhethe le nyuvesi ngoba iseduze kwasekhaya kanti futhi inengqalasizinda esezingeni eliphezulu kunoma yimuphi umfundi owenza iziqu zobudokotela. Angizisoli ngendlela engikhethe ngayo. Ngibonga uNkulunkulu ngokungenza ukuthi ngikwazi ukufeza isifiso sami sokufundela ubudokotela. Ngibonga umndeni wami nabazali, u-Sunitha no-Rajesh Harilal, ngokungeseka nangokungikhuthaza. Bawudondolo lwami.’
Lo mfundi, oneminyaka eyi-18 ubudala owafunda e-Durban North College, uphase ngamalengiso izifundo eziyisikhombisa kanti namanje asikakholwa ukuthi kubafundi bamatikuletsheni bezikole zikahulumeni ezingama- 116 937 bangonyaka wezi-2019, udle ubhedu ngama-96% kwi-Core Maths, ama-95% kwi-Life Sciences, ama-97% kwi-Accounting, ama-97% esiBhunwini, ama-94% esiNgisini, ama-99% kwi-Physics nama-90% kwi-Life Orientation. Uthi imfihlo yempumelelo yakhe ‘ukufunda amahora ngamahora nokuzicija ephindelela eziBalweni’.
IDini EyiNhloko Yesikole Kwezokwelapha e-UKZN, uSolwazi Ncoza Dlova, ithe: ‘Siyaziqhenya ngokuba yinyuvesi ethandwa abafundi abavelele abanjengoShweta. I-UKZN isanda kukleliswa eqhulwini e-Afrika kuma-Times Higher Education Young University Rankings, eklelisa amanyuvesi avelele emhlabeni. Loku kukhombisa ukuthi sizimisele kangakanani kwezemfundo nezocwaningo.’
Nakuba uHarilal engene kwiSayensi yezeMpilo, uNaidu kade azi ukuthi umkhakha wakhe yiziBalo. Njengoba athola amamaki angama-100% kwi-Core Maths nama-99% kwi-Advanced Programme (i-AP) Mathematics (ebhalwa ngaphansi kwe-IEB), sibe lula isinqumo sakhe sokugxila kwi-Data Science.
UNaidu uphase ngama-96.71% no-A abayisishiyagalolunye. Ngaphezu kwe-Core Maths ne-AP Maths, amanye amamaki akhe abe ngama-96% kwi-Accounting, ama-92% esiNgisini, ama-98% kwi-Information Technology, ama-99% kwi-Life Orientation, ama-94% kwi-Life Sciences, ama-94% esiBhunwini nama-98% kwi-Physical Science.
IDini EyiNhloko Yesikole Sezezibalo, IziBalomidanti Nezifundo ZeKhompyutha, uSolwazi Delia North, ijabulile ukuthatha uNaidu. ‘Ngenze ngamabomu ukuthi ngihehele e-UKZN iqeqebana leziqengqe, ikakhulukazi kwiSayensi. INhloko yase-UCT yashayela u-Aaron ucingo izama ukumncenga ukuthi aye kofunda khona, yingakho ngijabule ukuthi uthathe isinqumo sokuzofunda kithina. Sinabasebenzi abasezingeni eliphezulu abazomeseka, bamkhulise,’ kusho yena.
UNaidu akamusha e-UKZN, njengoba ebekwiSiyanqoba Mathematics Extension Programme kusukela ngonyaka wezi-2014. Lolu hlelo, olungaphansi kweso likaSolwazi osathatha umhlalaphansi kodwa osasebenza, uSolwazi Poobhalan Pillay, luqeqesha iziqengqe ezibalweni ezingenela i-South African Mathematics Olympiad (i-SAMO).
Ngonyaka odlule, uNaidu, owamela iNingizimu Afrika ngowezi-2014 kwi-World Youth Chess Championships, akagcinanga nje ngokunqoba i-SAMO kathathu izikhawu zilandelana kodwa futhi wanqoba i-Tertiary Mathematics Olympiad, lapho ehlula khona abafundi basenyuvesi, nakuba wayesawumfundi esikoleni samabanga aphezulu. Waphinde wamela iNingizimu Afrika kwi-International Mathematics Olympiad, lapho aklonyeliswa khona ngeNdondo yeThusi, walala isibili kuma- Computer Programming and Physics Olympiads.
UNaidu uthe iziBalo akazithandi nje ngoba enza kahle kuzo, kepha kungenxa yokuthi ziyisisekelo semikhakha eminingi. Ubonga uninakhulu ngempumelelo yakhe. ‘Ngenkathi ngisemncane ugogo, owayesethathe umhlalaphansi ekufundiseni emabangeni ayisisekelo, wayengifundisa amathebula okuphindaphinda, awokuhlanganisa nawokususa. Ngenkathi ngiqala isikole, ngase ngivele ngikwazi,’ kusho yena.
UNaidu ubonge abazali bakhe ngokumeseka, ukumcathulisa nokumkhuthaza. ‘Bebezimisele ukuhamba nami izwe nomhlaba wonke uma ngiya emincintiswaneni ehlukene,’ kusho yena.
Amagama: nguLihle Sosibo noSally Frost
Izithombe: nguLihle Sosibo nesithunyelwe



