
Uthisha wezesiNtu Ubheka Eyokufunda Ngobuchwepheshe Bezokuxhumana Ngesikhathi se-COVID-19
Click here for English version
UDkt Zifikile Phindile Shangase ofundisa ezeNtuthuko yoMphakathi eSikoleni Sezifundokuhlelwa Komumo Wezakhiwo kanye Nentuthuko (i-BEDS) wethule ucwaningo lwakhe enkundleni yokuxhumana ngobuchwepheshe kwi-Africa e-Learning Conference 2020 eGoli.
Le ngqungquthela yezinsuku ezimbili ibibheka ukuthi abaholi kwezemfundo nezamabhizinisi bangakwandisa kanjani ukufundisa nebhizinisi ngobuchwepheshe, uShangase akholwa wukuthi kunesidingo ngalesi sikhathi se-COVID-19.
UShangase ukhulume ngephrojekthi yokufundisa ngobuchwepheshe bokuxhumana ehlose ukwenza imodeli ezohambisana nesilabhasi ukuze kuphuculwe izinga lokufunda nokufundisa kuzikhungo zemfundo ephakeme. ‘Le phrojekhti ngokuhlanganyela kwamanyuvesi ngokufunda nokufundisa ngobuchwepheshe bokuxhumana izophucula ukufunda namakhono abafundi, ithuthukise namakhono othisha abasafufusa nabasemnkantshubomvu,’ kuchaza yena.
Le ndlela yokufundisa ayibizi njengoba isebenzisa izinkundla ezivele zikhona zokufunda emanyuvesi, lapho singekho isidingo sokuhamba khona. Abafundi bakwazi ukuhlanganyela ukufunda nokucwaninga kulezi zinkundla zokufunda lapho bekwazi ukuthumelelana amafayela khona.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe