
Bhasobha Afrika!
Click here for English version
Kungenzeka ukuba i-Zoom igama elisematheni ngesikhathi semvalelwandlini, kanjalo ne “zoombombing”.
Ezokuphepha ezinkundleni zokuxhumana ngobuchwepheshe, ukuqola abantu nokufafaza amanga ngesikhathi sobhubhane i-COVID-19 isihloko esidingidwe kwingosi yezokuxhumana ngobuchwepheshe i-data@breakfast eyethulwe ngokuhlanganyela nguthisha wesayensi kwezamakhompyutha, uDkt Brett van Niekerk* noMqondisi oLawulayo we-KnowBe4, uNks Anna Collard.**
Nakuba iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe athuthukile ngokomnotho e-Afrika, kodwa isele emuva ngakwezokuphepha kwezokuxhumana ngobuchwepheshe njengoba isendaweni yama-56 emhlabeni neyesine e-Afrika ngokwe-2018 ITU Global Cybersecurity Index. ‘Leli zwe lihlaselwe kaningi kwezokuxhumana ngobuchwepheshe ngasekupheleni kowezi-2019. Inkampani yezokuvikela kwezobuchwepheshe, i-Kaspersky, ibike ukuthi ukugqekezwa kobuchwepheshe kwande kayishumi kusukela kumenyezelwe isimo esiphuthumayo ezweni ngenxa yamaqola ahlale ebheke intuba esimweni sokudideka esihambisana nokusebenzela kude okwandisa ukusebenzisa inthanethi, i-VPN nokusebenzisana kwi-inthanethi,’ kusho u-Van Niekerk. ‘Izinhlangano zezempilo nezocwaningo imvamisa yizona ezihlaselwe kakhulu kuhambisana nobunhloli bokweba ucwaningo nge-COVID-19.’
U-van Niekerk ubale izindlela zokuqola ezigxile kumabalazwe alandela ukusabalala kwe-COVID-19. ‘Indaba yokuphepha iyakhathaza,’ kusho yena. ‘U-Zoom uvaliwe ngohulumeni abaningi, izinhlangano eziningi ,nezikhungo zemfundo eziningi ngenxa yezokuphepha. Nokufafaza amanga kudlangile nge-COVID-19. Imiyalezo eqoshiwe ethusayo, abafundi “bexwayiswa” ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ngeke bathole ukuxhaswa nokufafaza amanga ngezempilo konke kuyisibonelo sokuqubuka kwezindaba ezingamanga.’
U-van Niekerk ubalule ubungozi bemfundisoze yamakhompyutha lapho ukuxhumana kwenzeka ngokukhulu ukushesha. Ngaphezu kwaloko, kune“mifuziselo enzulu” lapho ‘izithombe, imisindo noma amavidiyo omuntu enza into engazange yenzeke’.
‘Kafushane, leli gciwane lenze ushintsho olusheshayo endleleni yobuchwepheshe neyokusebenza okuhambisana nokufohla. Loku kufohla kuya ngokuthuthuka, okwenza kube nzima ukubona ubuqili.
‘Ngakho kumqoka ukuqwashisa nokufundisa.’
U-Collard uvumelane naye. Uthe: ‘E-Afrika sinezinga eliphezulu lokuphendula izinto zibe ubuchwepheshe. Kumanje banguhhafu wesigidi abantu abasezinkundleni zokuxhumana ngobuchwepheshe kanti lesi sibalo sizokhula eminyakeni emibili ezayo. Kunabantu abasha abazongena abazoqolwa. Ukudlala ngegeja kuziliwe kodwa loku.’
Ubale amasu ehlukene okubona imikhankaso yokuqola nokuqikelela ezokuphepha. ‘Ungacofi i-link ungaqalanga wayibheka ukuthi ivela kuphi. Into esolisayo iyingozi. Zifundise, ufundise nomndeni wakho. Ungathembi lutho ongalulindele. Nciphisa imininingwane yakho oyifaka kwi-inthanethi. Vikela I-wi-fi yakho ekhaya, usebenzise i-VPN (i-Virtual Private Network), ugcine zonke izinhlelo ze-inthanethi zisesimweni.’
U-Collard ugqugquzela imikhuba emihle yama-password, ukungayiphindi i-password nokusebenzisa izindlela eziningi zokuqinisekisa i-password, ukuba nama-password alukhuni ama-akhawunti amqoka, nokungasebenzisi i-imeyili yomsebenzi kuma-akhawunti akho.’
‘Sebenzisa ingqondo. Cabanga,’ kusho yena.
I-Data@breakfast ingosi yokubhunga ‘izihloko eziseqhulwini lwazo zonke izinto ezithinta ukuxhumana ngobuchwepheshe, amakhompyutha, ukufunda ngemishini, nokunye.’ Iwumqondo ka-Pro Vice-Chancellor for Big Data and Informatics, uSolwazi Francesco Petruccione, kanti lezi zingosi zamasonto onke sezilethe izinguquko eziningi ukuze kuqhubeke izingxoxo ngalesi sikhathi somvalelwandlini we-COVID-19. Ukubheka ezinye izingxoxo ezinohlonze nezifundisayo, vakashela ku: data@breakfast noma ku: YouTube channel.
* UDkt VBrett van Niekerk ufundisa isayensi yezamakhompyutha e-UKZN kanti wake waba ngumhlaziyi wezokuphepha kwa-Transnet. Ungusihlalo we-International Federation of Information Processing (i-IFIP) Working Group 9.10 on ICT Uses in Peace and War noMhleli oMkhulu we-International Journal of Cyber Warfare and Terrorism, iphini lomhleli we-International Journal of Information Security and Privacy ,nelungu lesigungu eseluleka i-Journal of Information Warfare.
** UNks Anna Collard unguMqondisi oLawulayo wase-Popcorn Training/KnowBe4 Africa, lapho egxile khona ekufundiseni ngezokuphepha e-Afrika. Waklonyeliswa ngendondo i-Women in Tech Innovations Throughout Africa 2020 Award for Southern and Central Africa.
Amagama: ngu-Sally Frost
Umfanekiso: yi-Shutterstock