
I-COVID-19 Ifakelwe Izibuko Ebhukwini Elisha LaseSikoleni sezeMfundo
Click here for English version
UMholi weziFundo kwezokuXhumana koMphakathi esiKoleni sezeMfundo uDkt u-Angela James useqhulwini lokusungulwa kwephephabhuku labafundi enkundleni yokuxhumana elididiyelwe abafundi.
Igama lephephabhuku i-Creative Network, kanti litholwa abafundi ngezindlela ezehlukene ezinkundleni zokuxhumana njenge imeyili, ikhasi leSikole le-Facebook, ikhasi le-Facebook le-Creative Network Magazine naku-WhatsApp.
Abafundi bakhuthazwe ukuthi babhale ngendlela enobuciko ngokuthi ubhubhane lubathinta kanjani, obekungaba indatshana, inkondlo nemidwebo nangendlela abafunda ngayo – okungukuthi leyo ndlela ingenzeka kanjani lapho bekhona.
NgokukaDkt u-James, bekunesidingo sokuthi kube nengosi yabantu baseSikoleni sezeMfundo ukuthi bakwazi ukuxhumana.
‘Le ingosi yokugqugquzela ubuciko, ukuxhumana nokuqhamuka nezinto ezintsha ukugqugquzela ubumbano ngokwamasiko, okuyinto edingekayo,’ kusho yena. ‘Abafundi banobuciko, okubonakala ngezinto abazihlelayo nabazenzayo ezifundweni zabo nangesikhathi sabo sekhefu,’ kusho uNks Phakamile Mazibuko, ongomunye wabahleli nomfundi.
‘Ngokulandisana ngezinto ezithinta i-COVID-19 ezehlela abafundi, kwethenjwa ukuthi kuzoba nokuhlanganyela, ukuzwelana nokwesekana…kube yintuba yokukhululeka, ukukhula nokududuzana. Leli bhuku elokuxoxelana ngezinto ezehlelanayo namathuba nezinselelo zokukhula.
UNks Mandisa Luthuli, omunye wabahleli nongumfundi, wengeze ngokuthi: ‘Leli ithuba nengosi yabafundi yokuthi babonise ubuciko babo, ibanika izwi lezinto ezibakhuthazayo lapho bekhona. Umnikelo womuntu ngamunye kufanele usikhuthaze, ube isisekelo somnikelo olandelayo.’
Mayelana nekusasa lebhuku uNks Mazibuko uthe: ‘Sethemba ukuthi lizoletha umuzwa wokuxoxisana nokuhlalisana kahle kwabafundi, abantu baseNyuvesi nabanye. Ngaphezu kwaloko, ubukhali bomqondo buyinto emqoka emhlabeni ngalesi sikhathi. Sidinga abaholi abasha abasebenzisa amakhono abo obuciko nomqondo ojulayo “bacabange ngendlela entsha” ukuhlela nokuqhamuka nezisombululo endleleni ethinta ikusasa eliqhakazile lemiphakathi.’
Amagama: u-Melissa Mungroo
Isithombe: uLihle Mbatha