
Isifundiswa SakwezesiNtu Siqokelwe Ukuba NguMengameli we-South African Education Research Association
Click here for English version
Isifundiswa sezeMfundo uSolwazi Labby Ramrathan sisanda kukhethwa ukuba nguMengameli we-South African Education Research Association (i-SAERA).
Lo soseshini uneqhaza entuthukweni nasekusimamiseni ezemfundo njengendima yocwaningo eNingizimu Afrika ngokucija amakhono abacwaningi ukuze benze ucwaningo olufanele ngezinto ezehlukene ezithinta intuthuko nenqubekelaphambili yezemfundo.
‘Akwandele bani ukuba sesikhundleni sobuholi ezweni lonke ngesikhathi esimqoka ngesikhathi soshintsho kwezemfundo,’ kusho u-Ramrathan. ‘Okokuqala nje, ngiyajabula ngokubonakala kwegalelo lami kwezemfundo eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke. Okwesibili, ngibonga ukwethenjwa ngamalungu e-SAERA ukuthi ngihole usoseshini omkhulu nokhuthele kepha nakuba usemusha futhi usathuthuka.’
Wakhethwa ukuthi abe nguMengameli we-SAERA emhlanganweni owawubanjwe kuMfumfu (October) wonyaka odlule kanti uzobamba lesi sikhundla iminyaka emibili. U-Ramrathan uzohola izinhlelo zikasoseshini, acabe nendlela yekusasa lawo ngokubhekana nezindaba ezimqoka ezithinta wonke amazinga kwezemfundo ezweni. Uzohola umkhombandlela ngazo zonke izinhlelo zangomuso zocwaningo kwezemfundo, eseke intuthuko yabacwaningi abasafufusa.
‘Ngesikhathi sami sokuba uMengameli, ngihlose ukwandisa isibalo samalungu e-SAERA, ngivule amanye amathuba okuthuthukisa izifundiswa ezisathuthuka kwezemfundo, ngisabalalise izinhlelo ze-SAERA ezweni lonke ngendlela efaka wonke umuntu nethuthukisa uwonkewonke,’ kusho uSolwazi u-Ramrathan.
U-Ramrathan unguSolwazi eSikoleni sezeMfundo nomcwaningi owaziwa yi-NRF ohlonishwayo emhlabeni. Useke wabamba izikhundla ezehlukene zobuholi eSikoleni okubalwa kuzona ukuba yiNhloko yeSikole, iPhini leDini Eliyibamba neDini Eyibamba. Uneminyaka eyevile kwengama-20 efundisa othisha, ecwaninga imfundo ephakeme, ethuthukisa othisha namasilabhasi okufundisa.
Useke waba sezinhlelweni eziningi zenyuvesi, zezwe nezaphesheya kanti maningi amaphepha ocwaningo akhe aseshicilelwe. U-Ramrathan use wathola imifundaze yocwaningo eminingi ukuze acwaninge ngezinto ezithinta imfundo. Useke weluleka abacwaningi abenza iziqu zeMasitazi abevile kwama-60, nezitshudeni ezenza iziqu zobudokotela kwezemfundo ezingaphezu kwama-25 kanti kumanje uhola uhlelo lokushintshwa kwesilabhasi engabuki izinto ngeso labacindezeli baseNtshonalanga.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithuyelwe