
I-UKZN Ibine-Webinar Ngezindaba Ezingelona Iqiniso, Imvalelandlini Nemiphumela Yakho
Click here for English version
Owayengumfundi wase-UKZN nowayenguMehluleli eNkantolo yoMthethosisekelo u-Zakeria “Zak” Yacoob ubenesigcawu ezinkundleni zokuxhumana i-webinar ngezindaba ezingelona iqiniso, imvalelandlini nemiphumela yakho, ebizwa ngokuthi Fake News, Lockdown and Unintended Consequences ezethamelini ezingaphezu kwama-250 esigcawini i-Zoom.
Enkulumweni yakhe u-Yacoob uthe uhulumeni kufanele oNgqongqoshe ubathathe ngendlela athatha abantu abampofu ngayo. ‘Asijezise abaholi bethu ngaphezu kwendlela esijezisa abantu bakithi ngayo. Asijezise abantu abacebile ngaphezu kwendlela esijezisa abantu abampofu ngayo. Asijezise abantu abafundile, ngoba kufanele engabe bazi kangcono, ngaphezu kokujezisa abangafundile,’ kusho u-Yacoob.
Ugxeke ezinye izinkulumo “ezingaphucuzekile nezimbi” zikaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uBheki Cele, ezingaba nomphumela angawuqondile. ‘Ayikho indlela edlula yokwenza abantu baphule umthetho edlula indlela enza ngayo (uCele),’ kusho u-Yacoob.
Lo Mxazululi wase-UKZN waphambilini uthe amaphoyisa adinga ukuqeqeshwa ekwenzeni umsebenzi wawo ‘ngaphandle kokubulala abantu nokudala umonakalo’, wabalula indlela yokuqeqeshwa kwamaphoyisa ngesikhathi sobandlululo okwakugxile ‘ekuphatheni abantu ngesihluku’ nesibhicongo saseMarikana njengezinkomba zokuthi amanyuvesi nezinye izinhlangano kudingeka zingenelele ekwenzeni izincwadi zokuqeqesha umbutho wamaphoyisa.
Wengeze ngokuthi kubalulekile ukuthi izakhamuzi zemukele imigomo yomgonqo. ‘Lilonke uma imigonqo kungeyokuqinisa isandla kuphela… uma uhulumeni ethatha ngamawala, loko kungasho ukuthi abantu ngeke bawuthobele umthetho.’ Ukuqinisa isandla ‘kubanga uhlobo lokungeneliseki olwenza imiqondo yabantu yemukele izindaba ezingelona iqiniso bese ukwenza ngamawala kukahulumeni kubhebhezele ukusabalala kwezindaba ezingelona iqiniso.’
Ethinta eyokudayisa ugwayi nokudla okuphekiwe, u-Yacoob uthe inkululeko equkethwe kuMthethosisekelo ayilona ‘igunya lokwenza umathanda’. Uthe abantu baseNingizimu Afrika banelungelo lokuya enkantolo ukuphikisa imibandela kodwa kufanele sithobele isinqumo senkantolo ‘Asilawulwa yindlela esicabangayo ngayo sonke.’
Ekhuluma ngezindaba ezingelona iqiniso ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana, u-Yacoob ugcizelele ukuthi abantu baseNingizimu Afrika kufanele bathobele ‘umbono weningi’, ngamanye amazwi ‘umbono ngezempilo owemukelwa yiningi.’ Uthe uma uthola ulwazi oluthi ugalikhi uqeda i-coronavirus, yebo kufanele uwudle kodwa uqinisekise ukuthi uyazilandela zonke izincomo zikahulumeni njengokuqhelelana, ukuhlanza izandla nokufaka izifonyo.
U-Yacoob, ongaboni kusukela esemncane, uthe uhulumeni wezwelonke nowesifundazwe bangalwa nezindaba ezinelona iqiniso ngokuvama ukukhipha imininingwane ngokwenzekayo nsuku zonke nokuthi imininingwane ekhishwa nguhulumeni kufanele ibhekwe futhi ingafihlwa njengoba loko kungenza ukuthi nohulumeni uzithole ususabalalisa imininingwane engelona iqiniso. ‘Siyisizwe esixakile njengoba kuphakathi kokuthi sigxeka konke okwenziwa wuhulumeni noma, njengamanje, kunabantu esibakhonzayo bese sicabanga ukuthi awukho uhulumeni omuhle odlula lona emhlabeni.’
UMqondisi oMkhulu KwezobuDlelwane Oyibamba uNks Normah Zondo ubonge uMehluleli u-Yacoob ‘ngokusicobelela ngobuhlakani bakhe’, wanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi banciphise uilukuluku labo ekufafazweni kwezindaba ezingelona iqiniso.
I-webinar ibihlelwe yi-Pro Vice-Chancellor of Big Data and Informatics ne-South African Research Chair in Quantum Information Processing and Communication eNyuvesi, uSolwazi Francesco Petruccione, noNks Janine Hicks waseSikoleni sezoMthetho.
Ukubuka ividiyo yale-webinar, ebukwe emazweni amaningi kusukela e-United Kingdom kuye eZimbabwe, vakashela ku: https://youtu.be/KonmaQl31fE
Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: Sithunyelwe