
Abacwaningi be-HEARD Bandisa Usizo Kwezobuchwepheshe NoCwaningo e-Afrika Ngezinselelo Zezempilo Nezamalungelo Abantu Ezidalwa i- COVID-19
Click here for English version
I-Coronavirus (i-COVID-19) iyaqhubeka nokubhebhetheka ngesivinini ezwekazini i-Afrika.
Mhla zingama-22 kuMbasa ngonyaka wezi-2020 bese beyizi-15 394 abangenwe igciwane, sebengama-716 abafile (okuyizinga lokufa elingamaphesenti angama-4.7).
Izinhlangano nohulumeni sebeke baba nethuba lokuhlelela umphumela wobhubhane kodwa akwenelanga. Ubhubhane lukhahlameze kakhulu izinhlelo zezempilo nezamalungelo abantu ezivele zikhona e-Afrika.
UMqondisi woCwaningo e-Health Economics and HIV/AIDS Research Division (HEARD) e-UKZN, uSolwazi Kaymarlin Govender, uthe endimeni yocwaningo ngesandulelangculazi, ezocansi nezokuzala ezwekazini, i-HEARD yandisa umsebenzi wobuchwepheshe wokweseka izinhlangano ezisebenza ngokubambisana ngokuhlola izinselelo ezikhona ngokwenqubo nokwezinhlelo okubangwa i-COVID-19 nokwenza ukuthi ucwaningo olusha luhambisane nokwelapha i-COVID-19.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, u-Govender ubeseka i-RIATT-ESA (i-Regional Inter-Agency Task Team on Children and HIV, Eastern and Southern Africa) ngezinhlelo zezingane nezesandulelangculazi nezofuba, lapho i-HEARD ihlola khona izinselelo ngezinhlelo zokwelapha isandulelangculazi nofuba ezinganeni ezinesandulelangculazi, ikakhulukazi izingane ezine-CD4 count ephansi namasosha omzimba asehle ngamandla kakhulu. Loku kuhlola kuzokwenziwa ukuthi kuhambisane nezinhlelo zokuphucula izinga lokuthi izingane zikwazi ukuthola usizo lokwelashwa nokweseka umsebenzi we-UNAIDS Fast Track yokuqeda ingculazi ngonyaka wezi-2030.
U-Russel Armstrong, usosayensi omkhulu e-HEARD, welekelela i-Global Fund Commutity Rights Division ngezinhlelo zamalungelo abantu ngezinto ezithinta i-COVID-19. Usizo lobungcweti lwenzelwa ukunciphisa izinga lokuthi izikhulu zikahulumeni zingasebenzisi amagunya eziwanikiwe ukufeza ezinye izinhloso zezinye izinhlelo zokuphatha abantu.
I-HEARD ibambisene nophiko lezocwaningo ngesandulelangculazi lwe-Southern African Development Community (i-SADC) ukuze inciphise ukuthatheka njengehlazo kwesifo nokuphucula ukusebenza kwezinhlelo zokwelapha nokwemukeleka kwemishanguzo kulabo abagulayo eZambia, eMalawi naseZimbabwe. Lolu cwaningo olubanzi olusanda kuxhaswa luzobheka amandla e-COVID-19 ebantwini abampofu uma bezama ukuthola usizo lokwelashwa.
U-Govender ubalule ukuthi ukwesekwa kwe-Afrika ukubhekana nezinselelo ezidalwa i-COVID-19 kumqoka ngalesi sikhathi. Ubhubhane lukhombise izinga lokukhahlamezeka kwamazwe axhumene nobumqoka besayensi yokuziphatha nokuhlola inqubo yokwenza izinto ukuqinisa izindlela ezithinta ukwelapha ezingeni lesifunda nelomhlaba.
Amagama: yi-Ndabaonline
Isithombe: Sithunyelwe