
USolwazi we-Dietetics Uxoxa Ngamasu Okubhekana Nengcindezi Yomgonqo
Click here for English version
USolwazi Suna Kassier wakwa-Dietetics and Human Nutrition e-UKZN uqhamuke nezeluleko kubasebenzi, izitshudeni nomphakathi wonke ukuthi baqhubeke nokudla ngendlela ekahle ngenkathi bebhekene nobunzima obufike nomgonqo we-COVID-19.
U-Kassier uthe isimo sobhubhane esinjengalesi esikhona esingakaze sibonakale nokudideka esikulethayo singakhuphula izinga lokukhathazeka abantu abakujwayele. Ukhuthaze abantu ukuthi bakhumbule izindlela ababhekana nengcindezi ngazo, athe kona kukodwa, kuyisinyathelo esihle.
Njengoba zingekho ezinye izindlela zokubhekana nokhwantalala ngalesi sikhathi, njengokuhamba noma ukuchitha isizungu nomndeni noma nabangani, u-Kassier ubalule ububi bezinye izindlela ezingezinhle abantu abangazizama ezingagcina zikhuphule amazinga okhwantalala, kugcine kuholelele ekudangaleni.
Weluleke ngokuthi abantu bangagcini becwila otshwaleni, baphuze ngaphezu kwendlela abavame ukuphuza ngayo uma izinto zihamba kahle, wathi utshwala buyakhuluphalisa futhi bandisa ukudangala kumuntu.
‘Amasonto amathathu yisikhathi esenele sokuthi uzijwayeze umkhuba okuzoba nzima ukuthi uwuyeke uma sekufanele siphindele endleleni yokwenza izinto singasagadiwe,’ kusho u-Kassier.
Ukuqikelela izinga lotshwala obuphuzile, u-Kassier uthe kungcono ukunamathisela ipheshana esicabheni sefriji ukuzikhumbuza ukuthi ‘uziduduze’ kangakanani ngosuku.
U-Kassier weluleke ngokuthi akulungile ukuqeda isizungu ngokudla oncamnce unganakile. ‘Ukudla kakhulu, kuhlangene nokunganyakazisi umzimba noma amazinga aphansi okunyakaza, kuzoholela ekungazithandini uma usukwazi ukubona abakini, abangani nabalingani bakho ubuso nobuso,’ kusho yena.
Wengeze ngokuthi ukudla kakhulu kungenza ukuthi uzizwe ungemnandi, ukukhuluphala, kwenze ukunqena noma ukudangala. U-Kassier weluleke ngokuthi kungcono ukukala oncamnce, njengokudlela ngendishi kunokudlela ephaketheni, ukuze ukwazi ukubona ukuthi udle kangakanani, ugweme ukudla kakhulu.
Uphakamise izindlela ezehlukene ezongayo zokudla okumnandi njengokudla amaveji aluhlaza njengezinqamu ze-broccoli, izaqathe, i-celery noma i-sweet pepper ne-yoghurt enamafutha amancane noma i-salad dressing enamafutha amancane, izinti zesinkwa, u-popcorn (onebhotela, amafutha nosawoti okuncane), ama-pretzel, ama-rice cake nama-cracker kakolweni, izithelo noma isemishi lesinkwa sikakolweni eline-peanut butter nojamu, i-yoghurt engenashukela noma amasi, namakinati nama-raisin.
Okokugcina, u-Kassier ubalule ukuthi kwabanye ukhwantalala luzokwenza inhliziyo ibe mnyama, kwenze badle kancane.
‘Ukungadli ube ungasebenzi kungalimaza izinga likashukela lakho, kwehlise izinga likashukela ngenxa yokudla ngendlela engajwayelekile okungaholela ekudleni kakhula ngokuqhubeka kwesikhathi nokuhalela ukudla okunamafutha njengoshokoledi,’ kusho yena.
U-Kassier uphakamise ukuthi abantu bavame ukudla kancane ukugwema ukuphathwa yikhanda, ukukhathazeka novalo okungaholela ekwehleni nokwenyuka kwezinga likashukela.
‘Wuphathe kahle uwunakekele umzimba nomphefumulo wakho ngalesi sikhathi esingaqondakali,’ kusho yena.
U-Kassier ubhalele incwajana yamahhala yezitshudeni ezinemali encane yokudla i-healthy eating guide.
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe