
USolwazi wase-UKZN Professor Usebenzisa Izinkundla Zokuxhumana Ukucija Ngezibalo
Click here for English version
Oyisifundiswa eSikoleni sezokuHlelwa Kwamabhuku Ezimali, ezoMnotho nezeziMali, uSolwazi Msizi Mkhize, nendodana yakhe eyenza iziqu zeMastazi kwezoHwebo, uMnu Siphesihle Mkhize, basebenzisa uFacebook ukusabalalisa amanothi nezimpendulo okucija abafundi baka-Grade 12 ngesikhathi somgonqo ezweni lonke.
UMkhize usebenzisa amasu okufundisa nokufunda ayingqayizivele nanobuciko ezokuhlelwa kwamabhuku ezimali amenza wahlabana nge-2019 Excellence in Teaching and Learning Award eklonyeliswa yi-Higher Education Learning and Teaching Association of Southern Africa (i-HELTASA). Lezi zimpendulo - okulula ukuzisebenzisa zilungiswe ngendlela ecathulisa umfundi indlela yonke - zenza abafundi bakwazi ukuzicija besemakhaya ngesikhathi somgonqo.
‘Sengibe wumuntu osebenza ngezibalo isikhathi esiningi sempilo yami, ngabhala izincwadi ngezibalo nange-Maths Literacy, ngaphinde ngafundisa abafundi nothisha,’ kusho uMkhize.
‘Siyi-UKZN sibone ithuba lokuqhubeka sixhumane nalabo abangabafundi bethu bakusasa ezinkundleni zokuxhumana (u-Facebook no-WhatsApp) ngesikhathi somgonqo. Loku kwenze ukuthi sense ama-slide okulula ukuwasebenzisa abafundi baka-Grade 12. Enziwe ngendlela yokukwazi ukucathulisa abafundi indlela yonke kanti atholakala mahhala. Indlela yethu wukuqale sigabisele umfundi, senze anake bese sikhombisa izindlela zokuphendula izibalo ezimnandi. Loku kwenza ukuthi othisha nabafundi baphinde bafunde, baphucule izibalo zika-Grade 12 ngalesi sikhathi,’ kwengeza yena.
Ezihlokweni esesezenzile kukhona izibalo ze-Euclidean Geometry (ama-theorem) neze-Trigonometry. Uyise nendodana basabalalisa izinto zezibalo zika-Grade 9 ngenhloso yokugqugquzela ukuthi abafundi bakhethe izibalo ka-Grade 10.
‘Inselelo enkulu ezweni lethu yizinga lothando nelokuqonda izinto zezibalo emazingeni esisekelo naphezulu kothisha. Isiphakamiso sami esidala emNyangweni wezeMfundo wukuthi bonke othisha bezibalo babe ngongoti bothisha bezibalo kusukela ku-Grade 1 kuze kufinyelele ku-Grade 12. Okunye wukuthi kushintshwe igama le-Maths Literacy, kube khona indlela yokuthi kwenziwe kokubili (njengoba ezinye izinto zibekwa kangcono kwi-Maths Literacy). Loku kuzothuthukisa izinga lokuqonda izibalo, kuphinde kusimamise ulwazi lwezibalo ne-Maths Literacy,’ kusho uMkhize.
Lezi zindlela ezibanzi zezibalo zitholakala ekhasini likaMkhize le-Facebook ku: @msizi.mkhize.108, ekhasini le-UKZN le-Faceboook noma ekhasini le-Facebook le-College of Law and Management Studies elithi: @ UKZN.CLMS
Amagama: nguThandiwe Jumo
Isithombe: Sithunyelwe