
I-STEC@UKZN Iholele Abafundi base-Eden College Emkhakheni I-STEM
Click here for English version
I-Science and Technology Educational Centre e-UKZN i-(STEC@UKZN) ibivakashelwe ngabafundi bebanga le-8 ne-9 base-Eden College emhlanganweni wokucobelelana ngolwazi kulomkhakha.
Inhloko yoMnyango ye-Physical Science e-Eden College uNkk Chantal Sunpath ubekade eye ku-Wonder Women in Science Breakfast nabafundi bebanga le-11, bathakasela umbukiso wesayensi kaDkt Tanja Reinhard wase-UKZN. Ngemva kokuchazwa isethulo esakhayo, uSunpath wathinta i-STEC@UKZN ukuthi ihlele isithangami sokufundisa ngemisebenzi esemkhakheni i-STEM.
Inhloso yalesi sithangami bekungukugqugquzela abafundi ukuthi bafunde ezesayensi ngokubakhombisa ubumnandi obukhona kuyona. ‘Sifisa ukugqugquzela nokukhuthaza ukuhluma kwezingqondo ezisencane zesayensi,’ kusho uSunpath.
Kulolu hlelo bekukhona umhlangano wokucobelana ngolwazi kwezobuchwepheshe, ukuvakashela isikhungo sezesayensi nombukiso wezesayensi. Ngesikhathi somhlangano, abafundi bafunde ngezinto ezehlukene nokuthi yini ezenza zihluke, babheka ukuthi amazinga okushisa alezi zinto ashintsha kanjani, amanzi nemisebe yelanga kuzenzani lezi zinto.
Loku kuxukuze ugebhezi lwabafundi, kwabalungiselela ukuthi bakwazi ukuxazulula izinkinga ngeso lezesayensi. ‘Abafundi benze izinto eziningi bukhoma. Babemagange ukubamba iqhaza, babone ukuthi izinto ezehlukene ziba njani ezimweni ezehlukene,’ kusho uNks Nokwethaba Biyela, osaqeqeshelwa umsebenzi e-STEC nongomunye wabadidiyeli besithangami.
USunpath uthe lolu hlelo luqaqa ingqondo yabafundi, babone izinto ezintsha, okuvula imiqondo yabo.
Umfundi uNks Ravindra Singh, othanda isayensi, ezobuchwepheshe nolimi, uthe nakanjani isikhungo sezesayensi yindawo yokuvakashelwa. Ebuzwa ukuthi ukuvakashela kumkhuthaze ukuthi azofunda e-UKZN, uphendule wathi: ‘I-UKZN ingezinye yezikhungo engizithandayo.’
Uzwakwabo uNks Jenna Fourie, ofisa ukuba wudokotela wengqondo, uthe belumandi uhambo, ikakhulu ukuvakashela isikhungo sezesayensi.
Njengoba i-Eden College ingesinye sezikole eziphakela i-UKZN, iKolishi lezoLimo, ezobuNjiniyela nezeSayensi lisebenza ngokuzikhandla ukuheha abantu abashe kule misebenzi enqabile.
Amagama: u-Samantha Ngcongo
Isithombe: uNokwethaba Biyela