
Isifundiswa sezesiNtu Sikhulume Ngengcindezi nokuziNakekela Esibhedlela i-McCord
Click here for English version
Isifundiswa sezeNhlalakahle, USolwazi Johannes John-Langba, wethule inkulumo ngengcindezi, ukukhathala nokuzinakekela kubasebenzi bezempilo nokunakekelwa kwabantu e-McCord Provincial Eye Hospital ngoSuku lokuziNakekela kwaBasebenzi.
UJohn-Langba ukhulume ngencindezi nezinto eziyibangayo, izindlela zokuphathwa kwengcindezi ezisebenzisa ukubheka indlelakuziphatha nokucabanga, ukuhlonza izinto oziphikisa ngazo, ukuhlonza imidlinzo enemiphumela engemihle nemithombo yengcindezi exhumene nendaw; ukubhekana nengcindezi emsebenzini nokuqonda ukukhathala.
‘Njengabantu abasiza abanye, sivame ukuzixaka ngokuthi kufanele sazi konke, singabi nasici. Uma sidumala noma siphatheka kabi emsebenzini, kumqoka ukuthi sibheke izinto esikholelwa kuzona ngomsebenzi ukuze sibone ukuthi zisenza sicabange kanjani ngawo,’ kusho yena. ‘Uma sikwazi ukuzandisela ingcindezi, kusho ukuthi siyakwazi ukuyinciphisa futhi.’
Ukubhekana nengcindezi ebangwa izinqubomgomo ezingalungile zasemsebenzini, uJohn-Langba weluleke abasebenzi bezempilo ukuthi bagxile ekushintsheni izinto la abasebenza khona kunokuzama ukushintsha inqubo yesikhungo abasebenza kuso. ‘Uma inqubo ethile ibonakala ingelona usizo ezigulini noma kumakhasimende noma kuwena njengomsebenzi, ungaqala ngokuzibuza ukuthi yenziwelani bese ucabanga izindlela ezintsha (ezingenza kwenziwe inqubomgomo entsha) ezinobufakazi,’ kusho yena.
UJohn-Langba ubalule ukuthi abantu abaningi bayakhathala emsebenzini kodwa labo abenza umsebenzi wokunakekela abantu (abezempilo, abezenhlalakahle, uDokotela bezeNgqondo, njll) basengozini enkulu ngenxa yokuthi abantu bathembele kubona.
‘Inhloso ukuyeka izindlela zokuzibheka ezingasebenzi, sivale isikhala sazo ngalezo ezisebenzayo. Thola umeluleki ungakamdingi. Ungavumeli amahloni nokucabanga ukuthi yihlazo kukwenze ukuthi ungafuni usizo ngezikhathi ezihlukene empilweni. Yidla ngendlela efanele, ulale kahle, uzivocavoce. Ungalibali wubuhle bokuzijabulisa,’ kusho uJohn-Langba. ‘Uma ubhekene nenkinga ethile, khumbula ukuthi ngeke ushaye into ecokeme emsebenzini. Yazi loko okwazi ukukwenza empilweni yakho nasemsebenzini. Ukuzinakekela ngeke kusize wena wedwa njengomuntu owenza umsebenzi wokunakekela abanye abantu kepha kuzokwenza uzinakekele kangcono iziguli/ amakhasimende.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe