
ISimpoziyamu yoCwaningo Ithuthukisa Ukugcinwa nokuPhathwa Kwempiliswanomvelo
Click here for English version
I-Durban Research Action Partnership (i-D’RAP) Research Symposium yenze ithuba lokuthi abafundi abenza ucwaningo oluyingxenye yobambiswano phakathi kukaMasipala waseThekwini ne-UKZN zethule umsebenzi wazo, zizwe nombono wezethameli ngokuguquguquka kwesimo sezulu nokunakekela impiliswanomvelo ezingeni lokuphatha.
I-D’RAP ivala igebe, yandise ulwazi ekugcineni nasekunakekeleni impiliswanomvelo kwezokuguquguquka kwesimo sezulu. Ikhiqiza ulwazi ukwelekelela izimenenja zikaMasipala uma zenza izinqumo ngokugcina imvelo nokweseka imisebenzi yocwaningo yabafundi e-UKZN.
Izinkulumo bezigxile esigabeni sesithathu sikaMasipala se-Global Environmental Change (i-GEC) okuwuhlelo i-Rivers: source to sea nesigaba esingaphambi kwaso i-Durban Metropolitan Open Space System (i-D’MOSS).
Usosayensi wezokuvikela imvelo kwaMasipala waseThekwini uMnu Smiso Bhengu wemukele izethameli, wathi: ‘Siqinisa ubudlelwano, sisondele kwinqubo evela ocwaningweni oselwenziwe, okumqoka kwi-D’RAP.’ Wengeze ngokuthi isayensi kufanele ibe neqhaza elimqoka ekuhlinzekeni izidingo zabantu ezindaweni ezinjengomasipala.
Ohlelweni bekukhona nenkulumo kaDkt Manqoba Zungu ngocwaningo lwakhe ngokuxhumana kokugcinwa kwempiliswanomvelo, izidingo zokunakekelwa kwayo nenhlalakahle yabantu ezindaweni zasemadolobheni ezihambisana nokugcina imvelo kuMasipala waseThekwini.
Umcwaningi wezobudokotela e-UKZN uDkt Lulu van Rooyen ukhulume ngomsebenzi wocwaningo oqhubekayo obheka ukuphucuka kwendlela yokuphatha imvelo emadolobheni, wabalula isikhala esikhona sokushintsha isimo sezulu.
UDkt Angela James wasesiKoleni sezeMfundo e-UKZN ukhulume ngokuqeqeshelwa umsebenzi, okuyindlela yokufundisa ehlanganisa okwenzeka ekilasini nasemphakathini nemisebenzi yokuphathwa kwemvelo ngezindlela ezihlanzekile nezingayicekeli phansi. Abafundi baseziFundweni zezeNtuthuko e-UKZN oNks Mbali Mtshali noZinhle Ndebele bakhulume ngomkhankaso we-UKZN noMasipala waseThekwini i-Educational Partnership for Innovative Communities, lapho khona abafundi bebhekana ngqo nesifundo e-UKZN ngohlelo lokuqeqeshelwa umsebenzi emphakathini ngaphansi komnyango i-Environmental Planning and Climate Protection.
USolwazi Rob Slotow wase-UKZN ubalule ubumqoka be-Communities of Practice (i-COP), esebenzisa isibonelo sokusebenzisana koMnyango wezeSayensi nezobuChwepheshe ne-National Research Foundation COP in Functional Biodiversity project e-UKZN.
Emisebenzini yabafundi ethuliwe bekukhona ucwaningo ngokuphathwa kwempiliswanomvelo, ukubhekwa kobungozi besizalo somfula uMngeni, amagciwane afa kanzima asezihlambweni zamanzi nezitamkoko zasezibhedlela, ukumelana nokuguquguquka kwesimo sezulu nobulili, indlela yokudla yohlobo oluthile lopholi nokudayiswa kwezilwane ezifuywayo eNingizimu Afrika.
UMnu Matthew Burnett waseSikoleni seziFundo ngokuPhilayo uthole indondo ngomsebenzi wakhe ovelele wokuhlola indawo okuhlala inhlanzi ephuzi kuyo ngenxa yokushintsha kokugeleza kwamanzi emfuleni uMngeni. UNks Maqsooda Mahomed waseSikoleni sezeSayensi yezoLimo, ezoMhlaba neMvelo ulale isibili ngokwenza indlela ebika ingozi ingakenzeki ngokunakekela imvelo eNingizimu Afrika.
Izindondo ziye kubafundi abenza iziqu ezilandela ezokuqala eSikoleni seSayenzi yezeMpilo. Owenza iziqu zeMastaziuNks Jennifer Cele uthole indondo ngocwaningo lwakhe ezizindeni zamaqhude, ukusetshenziswa komhlaba nendlela yokudla kwamachwane. Umcwaningi owenza iziqu zobudokotela emkhakheni wakhe uMnu Mfundo Maseko uthole umklomelo wesibili ngomsebenzi wakhe wocwaningo ngomphumela wokuhlukanisa, ukuguqula izindawo nomumo wazo ngobukhona noma ngokusweleka kwezinyoni zezulu nokusabalala kwazo eThekwini.
Amagama nesithombe: ngu-Christine Cuénod