
Ukuqopheka Komlando Kwezomthetho
Click here for English version
UDkt Donrich Thaldar, ofundisa eSikoleni sezoMthetho nongoti wamalungelo abantu, ubewummeli ecaleni eliyingqophamlando, i-Voice of the Unborn Baby, eNkantolo eNkulu yasePitoli.
Kuwona wonke amasiko ukungcwaba nokulothisa kumqoka kubantu ukuthi bavalelise ezithandweni zabo. Ongoti bezengqondo bathi ukungcwaba noma ukulothisa kungaba neqhaza elikhulu ekupholeni kwenhliziyo. Kusiza labo abashonelwe ukuthi bemukele ubuhlungu bokushonelwa, kusizakale umndeni nabangani.
Ngakolunye uhlangothi loku kusho ukuqala kwempilo entsha. Ngenxa yobuchwepheshe obunjengalabo bokuhlola isimo sengane esiswini, abazali bengane engakazalwa sebengakwazi ukubona ingane iseseswini sikanina ngaphambi kokuthi izalwe. Loku sekwenze ukuthi abazali bengane baqala ukuxhumana ngomoya nengane ingakazalwa.
Uma kwenzeka umshophi wokuphuphuma kwesisu, abazali abaningi bazizwa belahlekelwe, kubona okufana nokulahlekelwa wumntwana ozelwe. Kuba njalo futhi uma kukhishwe isisu. Kufanele kukhunjulwe ukuthi kungenzeka ukuthi ukukhishwa kwesisu kube wumphumela wesimo sezempilo esishubile esibonwa enganeni engakazalwa. Kulezi zimo ezinje ezidabukisayo, abazali babona kungcono ukuqeda impilo yengane engakazalwa abayidingayo kunokuthi balethe ingane emhlabeni ezophila impilo emfishane yokuhlupheka. Uma siwumphakathi onozwelo, kufanele laba bazali sibanike uthando, sibeseke futhi sibaqonde.
Kepha noma kunjalo ngokomthetho waseNingizimu Afrika, ingane engakazalwa okuphuphuma isisu ingakabi namasonto angama-26 noma eshone ngokukhishwa kwesisu, ayingcwatshwa futhi ayilothiswa. Ivele ithathwe njengamabibi ezempilo alahlwayo. Abazali abashonelwe umthetho awubavumeli ukuthi bangcwabe noma balothise ingane yabo engakazalwa.
I-Voice of the Unborn Baby NPC yasungulwa ngonyaka wezi-2015 ukulwela amalungelo abazali bezingane ezingakazalwa ukuthi kufanele benzenjani ngezinsalela zezingane zabo ezingakazalwa ngemva kokuphuphuma kwesisu noma ukukhishwa kwaso, noma ngabe ziyangcwatshwa noma ziyalothiswa. INkantolo eNkulu yasePitoli yalalela isicelo se-Voice of the Unborn Baby ngesonto lomhla we-11 kuLwezi ngowezi-2019. Lesi sicelo saphikiswa wuNgqongqoshe wezeMpilo noNgqongqoshe wezaseKhaya.
U-Thaldar usebenzise leli cala ukuthi libe yisifundo kubafundi bakhe abenza iziqu ezilandela iqhuzu lokuqala, abahlanu phakathi kwabo abebemphelezele ngenkathi eya ecaleni.
‘Ubufukazi esibufundile ngenkathi silungisela leli cala bebungaphezu kwamakhasi ayinkulungwane. Bekuyinselelo enzima, kodwa kumnandi,’ kusho uTamanda Kamwendo, owenza iziqu zobudokotela kwezomthetho.
‘Yingcosana yezicelo zenkantolo ezenze ukuthi igcine iphume nesinqumo,’ kusho uMnu Ntokozo Mnyandu, ofundisa esiKoleni sezoMthetho obekhaphe uThaldar nabafundi bakhe. ‘Ngokuba senkantolo, sithole “ukuqonda kangcono” leli cala kanti lizoba wundabizekwayo.’
UMnu Bonginkosi Shozi, ofundela iziqu zobudokotela kwezomthetho, uthe: ‘Ngenkathi uDkt Thaldar esesonga ngesinqumo sakhe, ngavele ngagodola. Loku kube yithuba lokubona ukusebenza komthetho.’
Kulindeleke ukuthi isinqumo siphume ngasekuqaleni kowezi-2020.
Amagama: ngu-Thandiwe Jumo
Isithombe: Sithunyelwe