Umcwaningi ohlonishwayo emhlabeni uSolwazi Michael Chimonyo.USolwazi WezeSayensi YezeziLwane Uthole Ukukleliswa Kwe-NRF I-B Rating
Click here for English version
I-National Research Foundation (i-NRF) iklomelise uSolwazi Michael Chimonyo womKhakha wezeSayensi yeZilwane e-UKZN nge B-rating, imhlonipha njengomcwaningi ovelele emkhakheni wakhe.
Lolu hlelo lokuklelisa luqhathanisa izinga labacwaningi baseNingizimu Afrika, luthuthukise uhlelo lwezesanyensi ezweni oluqhudelana nolomhlaba nikukhuthaza ukukhiqizwa kwemiphumela esezingeni eliphezulu kumajenali aphambili kanye nokuqeqshwa kwesizukulwane esisha sabacwaningi.
Lokhu kukleliswa luhambisana nokuhlolwa abacwaningi abaseqophelweni elifanayo basekhaya nabasemhlabeni jikelele futhi lusebenzisa izingabunjalo nomthelela wocwaningo lomcwaningi eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule.
UChimonyo waqala emkhakheni wezeSayensi yezeziLwane e-UKZN ngoNhlangulana wangonyaka wezi-2010 ngemva kokufundisa iminyaka emihlanu e-University of Fort Hare, efika nolwazi lokukhwelisa izingulube kodwa futhi egabe ngolunye ulwazi lokuzalanisa ezinye izilwane ngezindlela zasembonini nezasemphakathini.
Ucwaningo lukaChimonyo lunomsebenzi omningi wokuthi imfuyo iphila, ibhekane kanjani nezikelemu nokuthi ikhiqizwa kanjani inyama yenkomo neyembuzi engakhulisiwe ngemijovo. Wake wenza umsebenzi wokubheka isimo samachwane engulube nasanda kuzalwa.
Wafunda e-University of Zimbabwe kwelakubo, lapho athola khona i-MSc kwi-Animal Physiology neziqu zobudokotela ekuzalisaneni izilwane.
Ucwaningo lukaChimonyo lwamanje lugxile emiphakathini yasemakhaya, abalimi abancane nokuthi imfuyo ibhekana kanjani nezimo zesimo sezulu esinzima njengesenza ukuzalela kwamakhizane, ukuguquguquka kwesimo sezulu, ukuncipha kwamanzi nokudla ngenhloso yokuphucula impilo yemfuyo. Wake wenza ucwaningo ngesimo solibo ukuthi sinaliphi iqhaza emfuyweni, wabheka izindlela ezihlukene eziveza isimo somsoco kakolweni ekudleni kwezingulube nasemsocweni wezingulube ezisakhula.
UChimonyo ubekhona kwi-list of top published researchers ngowezi-2011, owezi-2014, owezi-2015 nowezi-2017, kwathi uthando lwakhe lokuba ngovelele ekufundiseni lwamenza wenza i-Postgraduate Diploma in Higher Education and Training e-University of Fort Hare.
Ngenkathi ezwa lezi ndaba, uChimonyo ubonge izitshudeni zakhe, wathi kuhle ukusebenza nabantu abavumayo ukuphoselwa inselelo yokuthi babe ngcono kunaloko abayikona.
Amagama nezithombe: ngu-Christine Cuénod



