Amazwibela angeSonto Lobungxube abafundi bekhangisa ngokudla nangamasiko abo.Kugqame Ubungxube kuMakhempasi ase-UKZN
Click here for English version
I-International Office ibihlele umcimbi wesonto lonke obugqugquzela ubungxube, abafundi bakwamanye amazwe bathola ithuba lokukhangisa ngokudla namasiko abo kuwo wonke amakhempasi asenyuvesi.
Ngokuhlanganyela ne-UKZN Psychology Clinic ne-Master Health Promotion Class yawezi-2019, ikhempasi yase-Howard ibigxile kubunye nobungxube, yaba nemashi ephikisana nokucwasa abantu bokufika nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
UDkt Kemist Shumba wase-UKZN unxuse bonke abantu ukuthi bayeke ukubona abantu njengabanye abaseceleni (okusho ukuthatha umuntu njengohlukile kuwena), bazise zonke izinhlobo zabantu ukuze iNingizimu Afrika izofeza iphupho lokuba yisizwe sothingo lwenkosazana.
UNks Jes Foord, umsunguli we-Jes Foord Foundation, unxuse abantu abahlukunyezwa ngokocansi ukuthi babike amacala ukuze kuzosuswa izigilamkhuba emphakathini. UNks Foord unxuse abazali ukuthi baqale ukufundisa izingane zabo ukuthi zingabi ngabadlwenguli kunokuthi bazifundise ukuthi zingagilwa. ‘Sidinga ukuba ngabantu abangenekayo ezinganeni zethu ngokuletha ushintsho ngoba ukudlwengula okuningi kwenzeka ngasemakhaya. Kumqoka ukufundisa izingane zethu ukuthi zisho uma abantu bezenza izinto ezingazithandi,’ kusho yena.
UNks Ronel Msomi, owumeluleki wabafundi kukhempasi i-Howard College, ubegxile endabeni yokuvumelana nokuthi ‘ucha’ usho ‘ucha’. UNks Msomi uchaze intambo yokuhlukumezeka, ukuthi usizo lutholakala kuphi nezinto ezingenziwa wumuntu ohlukumezekile nezinhlobo ezehlukene zokuhlukumezeka njengokwasemzimbeni, okocansi, okwemizwa, okwezimali nangokwenhlalo.
Iqembu labafundi elizibiza ngoSiko Lethu linandise ngesicathamiya. E-Edgewood bekunesigcawu sokudingida izihloko ezinjengokungafani kwezizwe, izilimi namasiko, kwathi e-Westville kwanedili lengqephu, umculo, ingoma nemibukiso yabafundi beseKenya, eGhana, eNigeria, eSudan naseCongo.
Ekhempasini yaseMgungundlovu bekunombukiso wesiko lokushada lwaMaasai Mara aseKenya, aBaganda base-Uganda nabaFulani, ama-Igbo namaYoruba aseNigeria. Bekukhona ukudla kwesintu kule micimbi yomshado.
Kuchazwe amasiko okuganana njengokukalwa kwezinyawo kwamaMasai nokwakha izicathulo zakhelwa umakoti okukhomba ukuqala kwempilo yakhe njengenkosikazi nomvusi wekhaya, kwachazwa nokugida kwama-Igbo okukhomba inzalo.
ABaganda bakhangise ngezingubo zomshado zendabuko i-gomesi (kamakoti) nekanzu (yomkhwenyana).
Amagama: uHlengiwe Precious Khwela
Isithombe: Izithombe: nguSethu Dlamini noAndile Ndlovu



