Ubhuti nodade abangabafundi abavelele u-Mohamed no-Naeema Suleman.Ubhuti Nodade Bamukelwe Enhlanganweni Ehlonishwayo i-Golden Key International Honour Society
Click here for English version
Abafundi abenza unyaka wokuqala kwezobuDokotela, abangobhuti nodade uMnu Mohamed Hoosen Suleman noNks Naeema Suleman, bemukelwe enhlanganweni ehlonishwayo i-Golden Key International Honour Society, okuyinhlangano enkulukazi emhlabeni yabalingani, abantu baba ngamalungu ayo ngokumenywa kuphela.
Ubulungu bale nhlangano, bunqunyelwe kumaphesenti ayi-15 aphezulu abafundi abenza iziqu zayo yonke imikhakha asebephothule okungenani unyaka owodwa wokuqala, butholakala ngokukhalipha ezifundweni kuphela.
Laba bafundi ababili banomlando wokuba yiziqengqe. Ngonyaka odlule u-Mohamed waphumelela i-Bachelor in Pharmacy ngamalengiso. Ngawo unyaka odlule belu, waklonyeliswa ngomfundaze i-UKZN 50th Anniversary Endowment Scholarship ngenxa yendlela aphasa ngayo kanti itholwa wumfundi oyedwa waseKolishi Lezifundo Zeempilo.
‘Ngibonga kakhulu ngokubonakala kwamagalelo ami nokuklonyeliswa yi-UKZN,’ kusho u-Mohamed. ‘Ukuzikhandla nokuzinikela kugcina kuthele izithelo kanti kuhle ukubona ukuthi abafundi bayaklonyeliswa ngomsebenzi omuhle abawenzayo. Ngihlose ukusebenza ngokuzikhandla kakhulu ngokuphokophela nangokubekezela njengomfundi weziqu zobudokotela.’
U-Mohamed ukuthanda kakhulu ukumela ezempilo kanti ungumcwaningi we-Centre for the Aids Programme of Research in South Africa (i-CAPRISA). Ngifisa ukufunda emakhonweni abafundisayo abamnkantshubomvu, ngizokhula ekubeni ngumcwaningi,’ kusho yena. ‘Ngemva kokuqeda ukubhala iphepha locwaningo elithi ‘The Challenges Faced by HIV/AIDS Patients in the Management of their Condition’, ngikholwa wukuthi sengikuqonda kahle okudingeka endimeni yezesayensi kuhlangene nokomela ulwazi nothando enginalo. Ngifisa ukukhula ngidlondlobale ukuze ngizophosa esivivaneni emkhakheni wocwaningo ukuze ngiphucule impilo nenhlalonhle yabantu bakithi.’
U-Naeema, naye owenza iziqu zobudokotela, uphokophele ukuphumelela. Ngonyaka wezi-2018, waklonyeliswa ngeVice-Chancellor’s Scholarship ngokuba ngomunye wabafundi abahlanu abavelele eKolishi Lezifundo Zezempilo. Umfundaze weSekelashansela umfundaze omkhulu okhishwa yi-UKZN.
U-Mohamed no-Naeema bafunda umatikuletsheni e-Orient Islamic High School eThekwini.
I-Golden Key iyinhlangano engenzi nzuzo yomhlaba esebenzisana namanyuvesi eqile kuma-400 ase-Canada, e-Australia, e-New Zealand, e-Malaysia, eSouth Africa, e-India nase-AMerica.
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe



