Imisebenzi yobuciko kaNks Coral Bijoux wase-UKZN eyenziwe ngocwazi.Umsebenzi Wobuciko Ususemaphethelweni eSivandeni Sase-Westville
Click here for English version
Umfundi owenza iziqu ze-Honours eziFundweni zezoBulili, uNks Coral Bijoux, umatasa uhlanganisa umsebenzi wobuciko ozofakwa esivandeni sezitshalo ophikweni lwase-Westville.
UNks Bijoux uyiciko nomuntu owenza imisebenzi yobuciko.
Umsebenzi wakhe omusha: i-Dreams as R-evolution, uzothatha izinyanga eziyisishiyagalolunye ukuwenza, uze uvulwe ngoNdasa wangowezi-2020.
‘Lo msebenzi uthinta imigomo yezinto zomhlaba ezinezimpawu zabantu besifazane (isibonelo nje isikhathi sokuzithwala esiyizinyanga eziyisishiyagalolunye), ukufukamela, amandla nokuphokophela ukulungisa umhlaba ungagcini nje ngokulawulwa yizinto ezithinta ubukoloni kodwa ube yilowo oqhakambisa labo “abangenazwi”, uveze ithuba lokushintsha izinto nokugxilisa umbono omusha ngenhloso yokushaya ngonyawo olusha ngezindlela ezihlonipha ezinye izindlela zolwazi, ubulili, amasiko neminye imibono, nathi sizihlole ngokwethu. Wumsebenzi wobuciko obungafani neminye imisebenzi yobuciko, okuvame ukuthi kube ngeyabakhethiweyo,’ kusho uBijoux.
Lo msebenzi wobuciko uqondakala kalula emazingeni amaningi ehlukene. Ngokuka-Bijoux, ukufakwa komsebenzi wobuciko i-Dreams as R-evolution kuzokhombisa (kube kuphikisa) ‘ukuthi siyakwazi yini ukwakha isizwe sethu kabusha. Nakuba lo msebenzi wobuciko wenziwe ngezinto zocwazi ezivuselelwe zikade zilahliwe, kodwa awugxilile kucwazi noma ukusebenzisa izinto ezilahliwe esezivuselelwe’.
Umbhidlango wokufaka lo msebenzi wobuciko wumsebenzi wocwaningo ojulile ngokwemifanekiso yamasiko. Ubonakala ngezinto eziqoshiwe, ezidwetshiwe, nezipendiwe, ezixoxwayo nopopayi. UBijoux uthe umnyombo wokubona izinto ngeso elisha yindaba yobuntu, ‘ubuntu obenza ukuthi sithathe izinqumo ezingasizi thina noma ubuntu obungenamsebenzi nobuntu bethu noma ukuzicabangela thina, singaze sigcine sesikwazi ukuzicabangela’.
Lo msebenzi uthinta nendaba yezikhulu nomphumela (wokwenza nokungenzi) nendlela esibuka izinto ngayo. UBijoux uthe ukuzimela kuyagqama emsebenzini wakhe wobuciko. Uthi: ‘Ukwazi ukuthi ungubani kuqala ngokuba nombono ngempilo yakho ngethemba lokuthi kuzoba nomthelela omuhle kubangani bakho, emndenini nasezihlotsheni, kugcine sekuyinto enkulu ngendaba yoshintsho noma ukushintsha noma ukukhula.
Kwenziwa ngamabomu ukuthi indawo yokwenzela ubuciko ingabi wuluhoho omhlophe onezikhala kodwa kube yindawo enezinto zemvelo njengomoya, imvula, ilanga, izitshalo, izilwane, izinambuzane nazo ezikhona. Kumanje amagalelo alo msebenzi wobuciko aseyazwakala ngenxa yezinkulumo esezikhona emazingeni ehlukene emphakathini nasesivandeni, ezisebenzini, kubantwana namanye amaciko, osonkondlo nababhali ezindaweni eziningi ezweni abalandela lolu hambo lobuciko ‘endaweni engajwayelekile’.
Lo msebenzi uxhaswe yi-National Arts Council kanti uzohambisana nencwadi yobuciko exhaswe yi-National Institute for the Humanities and Social Sciences. Phakathi kwababhali abakhona kwi-Dreams as R-evolution kungabalwa uSolwazi wase-UKZN, u-Rozena Maart; usonkondlo, umbhali nomlingisi, uNks Malika Ndlovu; umbhali wezincwadi zabantwana, uNks Tracey-lee Easthorpe; usosayensi nombhali, uMnu Andre Croucamp; iciko lezesimanje, uNks Usha Seejarim; nomfundi owenza iziqu zobudokotela e-University of Western Cape nongumbhali, uNks Pralini Naidoo.
UBijoux ubonge umNyango wezeNgqalasizinda, ezokuHlela nezemiSebenzi ngemvume yokusebenzisa isivande nomQondisi uMnu William Smith; ungoti wezokutshala, uNks Gugu Khanyeza; nemenenja yesivande, uMnu Vicky Singh noMnu Chappie Nzadla osebenza khona.
Leli ciko liyabonakala njalo ekuseni lenza into yalo ngoLwezihlanu phakathi kwehora lesi-9 nele-11 ekuseni noma uma kuhleliwe. Zikhona izinkulumo kanye njalo ngenyanga.
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Isithombe: wu-Itumeleng Masa



