
Ugalagala Lomculi uMbuso Khoza lethule IsiFundo NgeMpi YaseSandlwana
Click here for English version
ISikole sezoBuciko besihlele isifundo somphakathi ngeMpi yaseSandlwana, esethulwe wugalagala lomculi uMnu Mbuso Khoza, oyi-Andrew Mellon Foundation Artist-in-Residency e-UKZN.
Isifundo somculo, ebesise-Howard College Theatre, besigabe ngomculo nengoma ngeMpi yaseSandlwana okwenziwe yiKusasa Lethu, okuyiqembu lezitshudeni lomculo nengoma yomdabu ne-Afrikan Heritage Ensemble, ngenkathi iqembu labaculi bakacothoza abayi-16 elasungulwa ngowezi-2015, bephelezela isifundo sikaKhoza.
EMpini yaseSandlwana eminyakeni eyi-140 edlule, amabutho kaZulu anqoba amasosha amaNgisi, okwenzeka kanye emlandweni waseNingizimu Afrika ukuthi amaNgisi ehlulwe udede.
UKhoza oseke wahlabana ngemiklomelo ehlukene, nowungoti kwezamagugu, ulandise ukusuka nokuhlala ngesimo esandulela impi, isikhathi sempi nangemva kwempi.
‘Njengomuntu othanda amagugu nomculo, kade ngaba nothando lwezingoma nezigameko komlando,’ kusho uKhoza. Ngenza ucwaningo ngamaHubo, okungamahubo angeminyaka yama-1700 neyama-1800 ayeculwa ngabantu kanti ayizibhebhe zesizwe sethu. Lama Hubo aqukethe ulwazi oluningi ngokuthi abaholi nabantu balwa kanjani nokungenisa kombuso wamakoloni nokuthi loku kwaholela kanjani emphakathini esinawo namhlanje,’ kunaba uKhoza.
Ubalule ukuthi ngowe-1816 ‘kunendlela abantu bomdabu ababecula ngayo kodwa leyo ndlela yashintsha ngeminyaka yama-1879 sekunemithelela yamakoloni, saqala saculisa okwamaNgisi. Izingoma ezaziculwa ngaleyo nkathi kwakungezamaNgisi kanti akusithina labo. Manje uma siya phesheya, siziveze ubuthina, izihlwele azejwayele ngakhoke zichazeka kakhulu.’
UKhoza ukholelwa wukuthi umculi ungenye yezindlela ezinhle nezisebenzayo zokugcina ‘‘ngezinsimbi’’ isiko nobugugu. Ufisa ukuthi amahubo asetshenziswe ukuqhakambisa ubunye nokuthi iMpi yaseSandlwana ‘ithathwe njengokunqoba kwaseNingizimu Afrika nomlando nobugugu ukunqanda ubuzwe’.
Uphosele uhulumeni inselelo yokuthi kube kukhulu okwenzelwa abantu ngaphandle kokugwazela ukugcina isiko.
IDini neNhloko yeSikole sezoBuciko uSolwazi uNobuhle Hlongwa ithe: ‘Sibonga i-Andrew Mellon Foundation ngokusivumela ukuthi siqhakambise izinto zesiNtu ngobuciko. E-UKZN, sihlose ukuvuselela amahubo.’
UDkt Patricia Opondo ofundisa izifundo kwi-African Music & Dance (i-AMD) uthe: ‘Kuyintokozo kwa-AMD ukuvakashelwa wuMbuso Khoza izinyanga ezintathu eyi-AMD Andrew Mellon Foundation Artist-in-Residence. Sifunde lukhulu kuye kanti mkhulu umsebenzi awenzile ukunothisa izinhlelo zethu ngokusungula i-UKZN Amahubo Ensemble. Sikubheke ngabomvu ukusebenzisana ngomuso. Ukuvakashelwa wuMbuso kuhlomulise uhlelo lwe-AMD ne-UKZN ngenxa yokuthi uyisibonelo sezinga eliphezulu kwezokufundiswa komculo wesiNtu njengeciko nomvikelo wamahubo.’
Amagama: uMelissa Mungroo
Isithombe: uSethu Dlamini