
I-UKZN Ivelele Engqungqutheleni ye-SA Society for Basic and Clinical Pharmacology
Click here for English version
Umfundi wase-UKZN woMkhakha we-Pharmaceutical Science nababili abafundisayo bethule izinkulumo ezinohlonze kuNgqungquthela yoNyaka yama-53 ye-South African Society for Basic and Clinical Pharmacology ebiseNyuvesi yasePitoli.
INyuvesi ibimelwe uMfu Dkt Lehlohonolo Mathibe woPhiko lwe-Pharmacology, uSolwazi Rajshekar Karpoormath woPhiko lwe-Pharmaceutical Chemisty noMnu Siyabonga Ndlovu, umfundi osebenza unyaka wokugcina ku-BPharm.
Izinkulumo zabo zithakaselwe, zenza kwaba nezinkulumompikiswano ezishubile. UMathibe ukhulume ngabazali noma abameli abahamba nezingane zabo ezixinwe yizifo zomgudu wokuphefumula ukuthi kuyenzeka yini benze odokotela noma onesi banike izingane ama-antibiotic’ ezindaweni zokwelapha zikahulumeni. UMathibe uthe iningi lezifo zomgudu wokuphefumula libangwa ngamagciwane kanti ukwelashwa ngama-antibiotic akusizi ngalutho.
Kepha ucwaningo luveze ukuthi amaphesenti angama-76 (n = 233) abazali noma abameli bathathela izingane zabo ama-antibiotic kwathi abazali noma abameli abangamaphesenti angama-73 (n = 223) abenzanga ukuthi odokotela banike abantwana babo ama-antibiotic.
UMathibe udle umhlanganiso we-SASBCP Best Publication Award emunxeni we-clinical pharmacology ngephepha lakhe locwaningo olusihloko sithi Management of Stable Angina Pectoris in Private Healthcare Settings in South Africa, olwashicilelwa kwi-CardioVascular Journal of Africa ngowezi-2018.
Inkulumo ka-Karpoormath isuselwe ephepheni lakhe locwaningo lomsebenzi wocwaningo alenza ezingeni lomhlaba nabacwaningi abahlonishwayo e-University College London eNgilandi nase-Sapienza University e-Rome, e-National Institute of Health Centre for the Control and Evaluation of Medicines nase- D'Annunzio University of Chieti/Pescara eNtaliyane.
Isihloko sayo besithi Design and Discovery of a Novel Kinesin Spindle Protein (KSP) Inhibitors as Potential Anticancer Agents.
I-KSP iyiphrotheni lokuhamba, elibuye libizwe ngeEg5, elinomsebenzi omkhulu ekuhlukaniseni izicubu. Ukungabi khona kwe-KSP kubulala izicutshana ezinomdlavuza.
Ucwaningo luka-Karpoormath luveza ukuthi ngokwezibalo izinhlobo zama-1,3,4-thiadiazole zakhombisa ukuvima i-KSP.
Into enkulu ngalolu cwaningo wukuthi okokuqala ngqa i-KSP nenhlanganisela ye-thiadiazole ene-K858 kutholakale ngempumelelo, okuveze ukuthi yi-isomer S-858 kuphela ebisebenza. Imiphumela yenhlanganisela ye-Eg5-K858 izosiza abacwaningi emhlabeni wonke ukuthi baqhamuke nezakhi ezintsha ezilwa nomdlavuza.
Inkulumo kaNdlovu ibisuselwa ephepheni locwaningo lwezinga lwe-Honours ayenza nesinye isitshudeni se-BPharm. Isihloko salo sasithi Effects of Z-venusol on Cancer-related Inflammatory Cytokines in MDA-MB-231, BT-20 and MCF-7 Human Breast Cancer Cell Lines In Vitro.
Ucwaningo lwakhe lwaveza ukuthi iZ-venusol ekhishwe ethangeni elimila ngasemfuleni elibizwa ngogobo ingaba yikhambi lomdlavuza webele, elilwayo nokwelashwa komdlavuza okwenzeka njengamanje.
UDkt Zaphy Nlooto, inHloko yeziFundo oPhikweni lwe-Pharmaceutical Sciences, ubabongele laba bobathathu ngokumela kahle uPhiko ne-UKZN.
Amagama: uNombuso Dlamini
Izithombe: Zithunyelwe