I-UKZN Ilekelele AbakaMatikuletsheni Ngokuhlolwa Kwezivivinyo Zokuphela Konyaka
Click here for English version
Bangaphezu kwama-700 abafundi baka-Grade 12 basezikoleni zamabanga aphezulu KwaZulu-Natal abahlomule ohlelweni lokulekelela abafundi abenza izifundo Zokuhlelwa Kwamabhuku Ezimali. Lolu hlelo beluhlelwe iSikolo SezokuHlelwa KwamaBhuku EziMali, EzoMnotho NezeziMali njengengxenye yokukhiqiza ama-charted accountant amaningi abantu abamnyama.
Lolu hlelo olwaqalwa wuDkt Msizi Mkhize ngonyaka wezi-2015, lulekelela abafundi bakamatikuletsheni abalungiselela izivivinyo zokuphela konyaka mahhala. Luhlelwe ngabafundisa isifundo seZokuHlelwa KwamaBhuku EziMali e-UKZN belekelelwa yi-ABASA UKZN Student Chapter kanti lesi sigcawu sithinta izihloko eziningi ukulekelela abafundi hhayi ukulungisela izivivinyo zokuphela konyaka kuphela kepha futhi nokubalungisela ikusasa.
Lezi zigcawu zenzelwe ukusiza abafundi baphucule amamaki abo okuphela konyaka okubasiza ngamaphuzu okuyofundela umsebenzi (i-APS) okusebenza uma sebethathwa enyuvesi.
Elandisa ngomsuka wokuqalwa kwalezi zigcawu, uMkhize ofundisa enyuvesi nothola uMklomelo woThisha Ovelele uthe wabona ukubaluleka kokwazi izibalo uma wenza isifundo sezokuHlelwa kwamaBhuku EziMali kanti loko kwakungavamile ukugcizelelwa ezincwadini zesifundo sokuHlelwa KwamaBhuku Ezimali, ngakho wayefisa ukubhekana naleyo nselelo.
‘Iningi labafundi lalingazithandi izibalo kanti ngangifisa ukufaka izindlela zokufunda ezimnandi ezenza abafundi babeneqhaza ekufundeni kwabo. Ukulekelela abafundi ngezindlela ezimnandi zokwenza izibalo noma isifundo sokuHlela KwamaBhuku EziMali yindlela enginikela ngayo emphakathini nengikhuthaza ngayo abafundi ukuthi baphase lezi zifundo,’ kusho uMkhize.
Ezinye izinto ezifundwa kulezi zigcawu ngamasu okufunda, izindlela zezivivinyo, ukugqugquzelwa, ukwelulekwa ngamasu emisebenzi ekhona kanye nangokucelwa ngabafundi, abafundisayo nabafundi ebenza iMastazi kubuyekezwa izibalo. Abafundi bathi ziwusizo izigcawu futhi bakwazi nokubamba iqhaza nabo. UNks Akabongwa Ngcobo waseMtapo High eLindelani uthe ukucathuliswa namasu okubuyekeza kuwusizo kakhulu, wengeza ngokuthi ukubheke ngabomvu ukwenza izifundo ze-BCom e-UKZN uma esephase umatikuletsheni.
UNks Anele Mkhize waseMbizweni High uthe indaba yezivivinyo zokuphela konyaka yayishayisa ngovalo kodwa ngemva kwesigcawu sokubuyekeza lehla ixhala, waba nethemba lokuthi uzophumelela ezivivinyweni zakhe.
IDini eyiNhloko yeSikolo SezokuHlelwa KwamaBhuku Ezimali, Ezomnotho NezeziMali uSolwazi Mabutho Sibanda ithe lolu hlelo luyingxenye yezinhlelo zesikole zokuphosa esivivaneni emphakathini, lucija abafundi baka-Grade 12 amakhono esifundo SokuHlelwa KwamaBhuku EziMali nawezibalo. ‘Sikholwa wukuthi ngokubambisana nezikole zamabanga aphezulu, sizoliphucula izinga labafundi ekuhlolweni okuzayo.’
USibanda ubonge ithimba likaMkhize, uNks Zama Gumede, uMnu Siphiwe Mqadi, uMnu Henry Marada noMnu Siphesihle Mkhize ngokuzinikela kulolu hlelo.
Amagama: u-Lungile Ngubelanga
Izithombe: Zithunyelwe