Izethameli zeNgqungquthela ngezeMpilo zaseMakhaya.Kudingidwe Ezempilo Zasemakhaya Engqungqutheleni
Click here for English version
Ikomiti lokuhlela ingqungquthela yezinsuku ezintathu ebe yimpumelelo e-Port Shepstone, ondikimba yayo ibithi Izwi lomphakathi wasemakhaya – The Rural Voice, ibihlelwe umholi wezokufundisa i-physiotherapy e-UKZN uDkt Saul Cobbing.
Lesi sihloko sivame ukungabi bikho ezingxoxweni nasezingxoxweni zomhlahlandlela ngezempilo zasemakhaya ngokuthi kumiswa kanjani ngomgomo wempilo yabantu bonke. Ingqungquthela izame ukulungisa lesi simo ngokunika abantu abaningi ithuba lokukhuluma ngalesi sihloko, okubalwa kubo abaholi bendabuko, abelaphi bendabuko nezisebenzi zezempilo zomphakathi.
Bekukhona ongoti abaningi bezempilo okubalwa kubona odokotela, abahlengikazi, ongoti bezokuphulukisa, osokhemisi nabanye ongoti bezempilo, izifundiswa, izitshudeni, izisebenzi zikahulumeni nabalwela amalungelo ezempilo.
U-Cobbing uthe into enkulu kuye ngengqungquthela ‘kube yinkulumo enohlonze yokuvula ingqungquthela ethulwe uNkk Bongi Zuma, ongumuntu wesifazane ophila nokukhubazeka, oyisisebenzi sokuphulukisa emphakathini nowumama wendodana enokukhubazeka. Indaba yokuthi umuntu onjengaye, obengeke athole ithuba lokukhuluma, akagcinanga ngokunikwa inkundla yokukhuluma kepha uchaze izethameli, yindaba enkulu ngengqungquthela yakulo nyaka.’
Abafundisa i-Occupational Therapy e-UKZN oDkt Deshini Naidoo, uNks Nombabulo Ndaba noNks Nokwanda Khanyile bethule amaphepha abo ocwaningo engqungqutheleni ngaphansi kwezihloko ezithi: Community Stakeholders’ Perspectives on the Role of Occupational Therapy in Primary Healthcare; Knowledge, Attitudes and Practices about Nutrition and Child Development in Mothers with Children under Five Years Old in a District Hospital in KwaZulu-Natal, nesithi Men, Media and Society.
UNks Khanyile wethule inkulumo esigabeni sengxoxo engqungqutheleni ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
InHloko ye-Family Medicine e-UKZN uDkt Bernhard Gaede nosiHlalo weMfundo yezaseMakhaya noyiPro-Vice-Chancellor for Social Cohesion e-UKZN uSolwazi Lebo Moletsane, banike abantu ithuba lokubamba iqhaza embukisweni ongendikimba yengqungquthela.
Akade bebhalisele ingqungquthela bamenywe ukuthi bathumele isithombe nencazelo emfishane ngendikimba yengqungquthela kwase kugaywa, kwavezwa engqungqutheleni.
‘Le ndlela inika izethameli ithuba elingandele bani lokuthi ziveze imibono evame ukunganakwa. Le ndlela iyasebenza uma kudingidwa izihloko ezijulile, lapho kubhekeka khona imibono eminingi,’ kusho uSolwazi Moletsane.
Ube yimpumelelo enkulu umbukiso nemifanekiso ehlukene ekhombisa ezempilo zasemakhaya. ‘Kube yinto enkulu ukubona imiqondo eminingi efanisa “ubukhaya” no“kweswela” iphikiswa yimifanekiso eminingi, okukhombise ukuthi ubukhaya bungaba yizindaba zeqophelo eliphezulu, ukuqamba izinto ezintsha nokuphokophela,’ kusho uSolwazi Gaede.
U-Cobbing ubonge uDkt Nisha Nadasan-Reddy nethimba lakhe ngomsebenzi omuhle wokumeseka ekubeni wusihlalo nethimba elivelele lase-UKZN lezokuqopha nezokuthwebula.
Ngeminye imininingwane ngengqungquthela, imifanekiso nezithombe, vakashela ku: http://www.ruralhealthconference.org.za/
Amagama: nguNombuso Dlamini



