Abathole imifundaze bemi nesikhulu esiphezulu seTata uMnu Len Brand (kwesobunxele ekugcineni).Imifundaze yakwaTata Kwabezobudokotela abayi-10 base-UKZN
Click here for English version
Abafundi beziqu zobudokotela emikhakheni ehlukene abayi-10 base-UKZN bagixabezwe ngemifundaze emcimbini obusekhempasini i-Howard College.
Ngemva kokuklonyeliswa, isikhulu esiphezulu se-Tata Africa Holdings (SA) uMnu Len Brand sinikeze lezi zitshudeni umlando omfishane wale nkampani yaseNdiya egaya u-$105 billion neneminyaka eyi-151 ubudala.
U-Brand, owayengumfundi wase-UKZN, uthe iTata ayibheke lutho kulaba bafundii ngemuva kokuzixhasa, wagcizelela ukuthi inkampani ‘itshala kwabayikhethelo’ ukuze bafukule imiphakathi. Uthe ‘uqweqwe’ oluwumsunguli wenkampani uJamsetji Tata, wayekholwa ukuthi ‘isisekelo sanoma yiliphi ibhizinisi yimiphakathi’.
Umqondisi omkhulu we-UKZN Foundation uSolwazi AneshSinghuthe iTata inikele ngo-R5 million e-UKZN eminyakeni eyisikhombisa edlule. ‘Sibonga siyanconcoza kwabakwTata ngosizo elunike iNyuvesi nosizo eninike lona bafundi nabaholi bangomuso beNingizimu Afrika,’ kusho uSingh.
Wengeze ngokuthi yingenxa ‘yokuphana kwezinhlangano ezinjengeTata sikwazi ukucija abafundi bekhethelo eNyuvesi’.
Omunye wabathole umfundaze, owenza izifundo zokuba wunonhlalakahle, uNks Happiness Mkhulise, owenza i-Honours kwi-Criminology and Forensic Studies, nowaba yintandane eneminyaka emihlanu ngemva kokushonelwa wunina, uyisemkhulu nomfowabo. ‘Ngemva kokungcwatshwa kukamama, kwafanele ngiqale kabusha. Kwadingeka ukuthi ngikhulele emndenini wami omusha, engangingawujwayele, ngishintshe isikole, ngijwayele ulimi olusha ,’ kusho yena.
‘Ngiyohlale ngimbonga umama owangikhulisa uMaMsiya ngokungikhulisa njengomntanakhe. Nguye owabeka isisekelo. Ngaphandle kwakhe, ngabe angifundanga ukuzimela. UMaMsiya wayejwayele ukungicelela izingubo ezindala kwezinye izingane esikoleni. Unyaka wonke ngangihamba ngezinyawo uma ngiya esikoleni, ngiwela umfula.’
UNks Mkhulise wayehlala emijondolo ngenkathi enza iziqu zokuqala kanti kwenye inkathi wayelala e-LAN e-UKZN uma ebhala ngenxa yokuthi wayengenamali yokugibela agoduke. Ubonge uMaMsiya, owamkhulisa njengomntanakhe, nonina wesoka lakhe uMaNzimande, uBhekithemba (umnewabo ngokuzalana) nomakhelwane abamsiza. Ubonge uMaNzimande. Uthe: ‘Wangiphindisela esikoleni ngemva kokubeletha, wangigadela izingane zami ngenkathi ngifunda.’
Ubonge iTata ngomfundaze, wethembisa ukuthi uzosiza abanye uma eqeda njengoba kuyisiko leTata. ‘Ngijabula kakhulu ngokuthola umfundaze,’ kusho yena.
Omunye othole umfundaze uNks Nosipho Mbuyisa, wasoLundi, owenza i-Honours kwi-Forensic Genetics, uthe ukuthola umfundaze kumenze wakwazi ukugxila ezifundweni zakhe, akangakhathazeka ngemali yokufunda.
Ubonge iTata ne-UKZN Foundation. ‘Ngikhumbule ukuthi ikusasa lethu alincikile ekutheni sivelaphi nokuthi sinani. Kungisize kwangifundisa ukuthi ngingaba ngaphezu kwaloko engizibona ngiyiko,’ kusho uNks Mbuyisa.
UMnu Monde Mjebeza we-UKZN Foundation uthinte isihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane, wanxusa izitshudeni ukuthi ‘zinakekelane’.
UMnu Michael Davids wase-Student Funding Unit e-KZN uhalalisele abathole imifundaze, wabonga iTata ngosizo lwayo evame ukubanika lona.
Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: ngu-Andile Ndlovu



