USolwazi Albert Modi enesikhulu esiphezulu noMqondisi wezoBuciko e-The Playhouse Company, uNks Linda Bukhosini.Hloniphani Ninakekele Abesifazane - Kusho uSolwazi Modi
Click here for English version
IPhini LeSekelashansela EliyiNhloko Yekolishi YezoLimo, Yezobunjiniyela NezeSayensi (i-CAES) uSolwazi Albert Modi likhulume nentsha ebise-Playhouse Theatre eThekwini ngokuqeda isihlava sokuhlukumeza abantu besifazane nezingane.
UModi ukhulume emncintiswaneni wesicathamiya, obukisa ngalo mculo waKwaZulu-Natal womculomaphimbo ohambisana nomdanso. Kulo mncintiswano bekukhona amaqembu eSicathamiya angama-90, obekugcwele kuwona amaqembu aKwaZulu-Natal kodwa kodwa kade kukhona nawaseMpumalanga Kapa nawaseGauteng.
UModi ubalule ubumqoka be-The Playhouse Company kwezikaqedisizungu ezehlukene kuzo zonke izinhlanga. Uphawule ngokufundisa kwemidlalo yeshashalazi ye-Playhouse ngezinqola ezivakashela izikole nemiphakathi yaKwaZulu-Natal.
Inkulumo kaModi ibithi Living to Serve, Serving to Live, and Doing to Build, ebihambisana nendikimba yomncintiswano olwa nokuhlukumeza abantu besifazane (i-GBV).
Ekhuluma isiZulu, uModi ugcizelele isidingo sokuthi bonke abantu, ikakhulu abantu besilisa abancane nabadala, bahloniphe abantu besifazane.
‘Abantu besifazane baletha abantu emhlabeni bethwele “imbewu” okufanele itshalwe, ikhuliselwe isizwe,’ kusho uModi. ‘Leyo yi“mbewu” yothando, ukukhathalela nenjabulo.’
Ukhuthaze abantu besilisa ukuthi babambisise isiko lokukhathalela nokuthanda abantu besifazane kuzo zonke izimo, wabakhuthaza labo okungenzeka ukuthi bake bahlukumeza abantu besifazane ukuthi bacele uxolo, bazibophezele ekubeni nesimilo esihle ukwenza izwe, izwekazi nomhlaba okungcono.
UModi ubonge i-Administration Manager we-The Playhouse Company, uNks Charlene Moodley Bezuidenhout, ngethuba lokuba semcimbini omqoka kangaka, wathi kube kuhle wenzeka ngesikhathi izwe lilwa ne-GBV kanti kukhombise ukungahambisani naloku kuhlukumeza kwe-UKZN nokukwenyanya i-GBV.
Amagama: u-Christine Cuénod
Isithombe: u-Albert Hirasen



