
Inhlangano Yabafundi Ibinomcimbi Wezingadi
Click here for English version
I-Sustainable Living Student Organisation esanda kusungulwa yaseNyuvesi YaKwaZulu-Natal (i-UKZN) ibinomcimbi endaweni yezitshalo ophikweni lwaseMgungundlovu obuhlose ukufundisa izitshudeni ngezingadi ezingacekeli imvelo phansi, ukuphucula ikhono lokutshala nokuhlobisa izimpiko zeNyuvesi.
Izitshudeni ezinhlanu zibe sethubeni lokuba sekomitini le-SLSO ihora nesigamu ukubonisa ukuthakasela ukufika kweNtwasahlobo ngomhlangano owazise ngombono wenhlangano ngendawo izitshudeni ezihlala kuyona nezinto ezithinta imvelo, okubalwa isimo sezulu esiguquguqukayo nokucekelela phansi kwemvelo.
Umsunguli we-SLSO uNks Wendy Hadebe, owenza unyaka wesithathu weziqu zezeNdawo nokuPhathwa kwezeMvelo, uthe: ‘Sigxile ezintweni ezicekela phansi imvelo, sizame ukwelekelela ukulungisa lowo monakalo, ikakhulu lezo zinto ezenziwa yizenzo zokucekela phansi imvelo zabantu.
‘Sigqugquzela umqondo wokonga, lapho sizama khona ukuhlangabezana nezidingo zesizukulwane samanje ngale kokuphazamisa izidingo zezizukulwane ezizayo,’ kusho yena.
Emcimbini, uNks Hadebe nozakwabo abangamalungu ekomiti bakhuthaze abafundi ukuthi babambe iqhaza ekuvikeleni imvelo nokushintsha umqondo wabantu ngemvelo ukuze bashintshe ukwenza kwabo.
Izitshudeni zihlangane nezisebenzi zaseNyuvesi zasengadini ezizichazele kabanzi ngokunakekela ingadi. Akade bekhona basebenze ezindaweni ezithile emabaleni aseNyuvesi ukusiphula izitshalo ezibulala ezinye, ukhula, nokucosha amahlamvu nokuhlanza izindawo ezingcolile ezingadini ezandisa amathuba okukhula kokhula. Bagawule amagatsha, bahlola izitshalo nezihlahla, bebheka izimpawu zezilokazane nezifo. Bakhuculule indawo, bachelela izitshalo.
Lo mcimbi wenziwe ngenxa yokuqonda ukuthi bancane abantu ababona ubumqoka bokuba nezihlahla noma izingadi emakwabo. Ngalo mcimbi, i-SLSO ibalule amasu okutshala onga imvelo nezindlela zokutshala izithombo, izihlahla nezimbali ezingacekeli phansi imvelo kusetshenziswa amanzi amancane nomanyolo wemvelo, ofana namahlamvu omile.
Izindlela zokwenza izinto ezidingidiwe ziveze ukuthi izindlela ezongayo zokwenza izinto zenza ukuthi kuvikeleke imvelo, ziphucule inhlalonhle yabantu kwande imvelo ephilile nephephile.
‘Ucwaningo luveza ukuthi ukutshala kuvikela, kondle izilwane zasendle, okunezinyoni zasendle kuzona nezinye izinambuzane,’ kusho uNks Hadebe. ‘Izitshalo ziyingxenye ebalulekile yemvelo kanti bancane abantu abaqonda ukuthi izitshalo zasendle zikhiqiza umoyampilo obalelwa kumaphesenti angama-28 womoyampilo odingeka emkhathini, ngakho ngokunakelela izitshalo, sizinakekela thina.’
UNks Hadebe ubonge izisebenzi zasengadini yasenyuvesi, ikakhulu inHloko yezeziNgadi uMnu Siyabonga Bhengu noMnu Sizwe Madlala womnyango wezezingadi ophikweni olukhulu ngosizo lwabo. Izisebenzi zasengadini zikuthakasele ukubonakala kothando kwezitshudeni, zabanxusa ukuthi baqhubeke nokusiza nokufunda kubona.
• I-SLSO izoba nomunye umcimbi ofana nalona ophikweni lwase-Golf Road eMgungundlovu mhla zizi-4 kuMfumfu ngo-10.30 ekuseni kuya ku-12.30. Izitshudeni ezinothando zingathinta uNks Hadebe ku:216045744@stu.ukzn.ac.za
Amagama: nguChristine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe