
Iziphathimandla ZaseNyuvesi Kumele Zandise Usizo Kubafundi Besimanje
Click here for English version
nguNomqhele Dube
Ukunikelela ukwenza ngcono inhlalakahle yabanye abantu okubonakala kakhulu ngeminikelo yemali, yezimpahla noma yamakhono, yiko okwenza ilungu le-Enactus libe nentshisekelo yokusebenzela umphakathi. Kuwuthando lwabantu, noma ngencazelo yesimanje singathi ‘yimikhankaso ezimele yokusiza umphakathi uthando olugxile ekwenzeni ngcono isimo sempilo’, oluhlanganisa indlela yasendulo yobuntu nendlela yezesayensi yezenhlalakahle yangeminyaka yama-1900.
Ukunikelela ukwenza ngcono impilo yabanye abantu kunezinto ezikwenza kwehluke ekunikeleleni abantulayo. Ukunikela akufani, nakuba kufana ngezindlela eziningi. Ukunikelela ngokupha inhloso yako wukudambisa inkinga ethile emphakathini kanti lolu hlobo olunye inhloso yalo wukufinyelela emnyombweni wenkinga, njengoba kuye kwenziwe isibonelo ngokuthi kunomehluko ukupha umuntu ukudla kunokumfundisa ukutshala.
Kwi-Enactus, ushintsho luwuhlelo olunqala loguquko olukhombisa inhlangano endleleni entsha, luyibeke kwelinye izinga lokusebenza. Okungafani no‘kuguqula isimo’, kona okusho ukushintsha izinto kancane kulelo zinga, ushintsho olunqala lusho ukushintsha isisekelo ngokunqala okungafani nhlobo noma kancane nesimo esidala.
Ushintsho olunqala luwushintsho ngokwesimo noma ngokubukeka. Into emqoka njengokuthola izincwadi zokushayela, ukuya enyuvesi noma ukushada ingashintsha impilo yomuntu ngokunqala. Wushintsho olunqala isibili. Uma ushintsho lwenzeka, kusetshenziswa amagama athi ‘ukushintsha isimo’ kumuntu noma entweni esishintshe isimo.
Izikhungo zemfundo ephakeme zingakwazi ukwenza umehluko omkhulu ekushintsheni nasekwenzeni ngcono impilo yamalungu e-Enactus namalungu ezinye izinhlangano nemibutho emidala esebenza ngokunikela emphakathini.
Esikhungweni semfundo ephakeme egxile ekuphuculeni imiphumela yabafundi, ukuchaza incazelo yempumelelo kuleso sikhungo kuyisinyathelo sokuqala.
Uma inhloso isicacile, isikhungo siyakwazi ukuzenzela indlela encike kubafundi ngazo zonke izindlela, kusukela egumbini lokufundela kuye ezindleleni zokusebenza nomphakathi wonkana, kuye ekudaleni amathuba omsebenzi endaweni yokusebenza lapho kuhloleka khona amazinga entuthuko, isikhathi sokwethwesa iminyezane namazinga okuqeda izifundo. Ukuba yilungu leqembu noma lombutho onjenge-Enactus kufana nokuba nejazi lesibili njengoba ukuba yilungu lenhlangano kuwumqansa.
INyuvesi yaKwaZulu-Natal ingakwazi ukweseka izitshudeni ezingamalungu afanele ezinhlangano nemibutho ngoba akuzona eziphakamisa igama bodwa kepha futhi ziyisibonelo kubafundi basezikoleni zamazinga aphansi ukuthi bafane namalungu e-Enactus abakhanyisele, abafundisa ngokuqamba izinto ezintsha nokuba wosomabhizinisi nabantu besilisa nabesifazane abadala ababafundise izindlela ezintsha zokulima ezingagqilazi, kwabanika ithuba lokuthi bangenise imali yokondla emakhaya.
Amanyuvesi axhumana nezinhlangano eziningi, okungafundisa abantu ngobuholi, abe nezithangami nezigcawu ngezihloko eziningi ezingahlomisa abantu abasha ukuthi balekelele imiphakathi.
Amanyuvesi kufanele asize abantu ukuthi bathole amathuba okuzithuthukisa nokushintsha impilo yabo ngomsebenzi wokunikela emphakathini. Emathubeni anjalo kukhona imifundaze njengoba abantu abaningi emibuthweni nasezinhlanganweni abasebenza nemiphakathi bengezona iziqengqe kepha bangabafundi abejwayelekile isikhathi esiningi abalekelela labo abadinga usizo, baphuthelwe yizifundo belibele wukuya ezindaweni ezehlukene ezikude nezikhungo. Amanyuvesi kufanele abheke amathuba okuletha imifundaze nezinhlelo ukuphucula izinjongo zabo ezifakwe ngamalungu e-Enactus ngomsebenzi owenziwe.
Izikhungo zemfundo ephakeme kufanele zikwazi ukuhambisana nezidingo zohlobo olusha labafundi ngokwezidingo zabo nokuthi abafundi bazizwe benakiwe. Uma abafundiiz behluleka ukuqeda izifundo ngesikhathi esibekiwe, kwenye inkathi imbangela kusuke kuyizithiyo ezejwayelekile. Ukushayisana nabantu abagada izingane, ukungabi khona kwezinto zokuhamba nokushintsha kwezinhlelo zokufunda konke kungaba yisithiyo endleleni yokuqedela izifundo zabo. Iziphathimandla kufanele zenze konke okusemandleni ukusiza abafundi banqobe lezi zinselelo.
UNomqhele JD Dube, oyiPhini likaMengameli we-Enactus yase-UKZN yangowezi-2018/19, wenza isigaba sokugcina sonyaka ezifundweni zezeziMali nezezoMnotho ekhempasini yase-Westvile . Ukhuthele futhi uzimisele.