Kusukela kwesobunxele uSolwazi Nobuhle Hlongwa, uNkk Ipeleng Nonkululeko Mkhari noNks Pamela Adams.Kugujwe INyanga YabeSifazane
Click here for English version
UPhiko Lezobudlelwano Besikhungo (i-CRD) yaseNyuvesi yakwaZulu-Natal ibihlele umcimbi wokugubha iNyanga yabeSifazane nokubabonga ngeqhaza labo.
IDini EyiNhloko Yesikole sezobuCiko Eyibamba, uSolwazi Nobuhle Hlongwa, uthe: ‘Namhlanje sibungaza abantu besifazane abangosomabhizinisi, abaphokophelayo, abangabasunguli nabangabaphathi, abangodadewethu nabangomama bethu.’
Umsunguli nesikhulu esiphezulu saseMotseng Investment Holdings (e-MIH), uNkk Ipeleng Nonkululeko Mkhari, ubeyisikhulumi esiqavile. Uneziqu i-Bachelor of Social Science zase-UKZN kanti waba wumuntu wesifazane wokuqala omnyama ukuba nenkampani ye-CCTV. Ngemva kwalokhu uNkk Mkhari wasungula i-MIH, eyinkampani ethenga izabelo kwezinye izinkampani ngowezi-1998. NgoLwezi wangowezi-2012, i-MIH yafaka emakethe yezabelo i-Delta Property Fund, isikhwama sabantu abamnyama esinezakhiwo zenani lika-R7 billion.
UNkk Mkhari ubonge iNyuvesi ngokumumema, wathi ujabule ngokubuyela ekhaya. Inkulumo yakhe ibigxile “ekweneleni” nokuhlonyiswa kwabantu besifazane. Ubalule ukuthi ubunzima buhlale bumenza aqhubekele phambili. ‘Asiboni ukuthi kuba nezikhathi lapho kudingeka singaphumeleli khona ukuze sifunde. Sengehluleke kaningi ngaphezu kokuphumelela kodwa ngigcina ngiphumelele’. UNkk Mkhari ukhuthaze abantu besifazane ukuthi bathenge izakhiwo ukwakha umcebo. Ulandise ngohambo lwakhe lokuba wusozigidi esuka ekwenzeni imisebenzi yamakhasimende wagcina esengene kwezezakhiwo. Ukhumbuze abantu besifazane ukuthi banele, wabakhuthaza ukuthi bazithande bona, bakubonakalise nangothando ezinganeni zabo. ‘Into engalungile esizenza yona wukungazithandi. Kudingeka uzithande, ungazenyezi, okuyinto ongayifundisa abantwana bakho ngoba yinto oyizwayo, uba yiyona,’ kusho yena.
UNkk Mkhari ukhulume ngezinto ezithinta abantu besifazane eNingizimu Afrika, okubalwa kuzo ukumeleleka nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane, wathi ikhambi yimfundo. ‘Kufanele sigxishe abafana bethu namantombazane izinto ezizoveza ukuthi ayikho into yokungalingani. Kufanele siqashe abantu besifazane, sihwebe nabo, sibafukule ngemfundo,’ kusho yena.
Lo mcimbi uvalwe ngemibuzo nezimpendulo, lapho uNkk Mkhari kade ephendula khona imibuzo ngezamabhizinisi, ubudlelwano, ukutshala imali nokuzithanda. ‘Ibhizinisi yindlela ocabanga ngayo kodwa kufanele kube khona lapho uqala khona, uqale kancane. Singabantu besifazane kudingeka sifunde ukuvama ukuthi “cha”, sibeke isikhathi sokwenza izinto esizithandayo kakhulu ngoba ngeke abantu ubanike into ongenayo,’ kusho yena.
Izihambeli zizitike ngomculo kaNks Nosihe Zulu ofundela umculo neqembu lababili le-hip-hop u-Lio X Tiger.
Amagama: uHlengiwe Precious Khwela
Isithombe: u-Albert Hirasen



