UDkt Girma Mengistu Digafe.Kubhelwe Isihlava Sezithombo Ukuphucula Ukukhiqizwa Kwamabele eTopiya
Click here for English version
UDkt Girma Mengistu Digafe uthweswe iziqu zobudokotela kwezoLimo emcimbini wasentwasahlobo wokuthwesa iziqu. Ucwaningo lwakhe belugxile ukwendlalela ukutshala amabele nokukwazi kwawo ukumelana nesihlava entshonalanga Topiya.
Amabele alele isithathu ezitshalweni ezintathu ezimqoka zaseTopiya okukhona i-tef nombila kuzona kanti ayisitshalo sesihlanu ngokubaluleka kwesidlo sasekuseni emhlabeni. Sisengozini ngenxa yezizathu ezihlukene okubalwa kuzo isihlava, izinambuzane nokhula. Isihlava esidla amabele siyimbangela yokulahleka komkhiqizo ngamaphesenti angama-70 ezinhlotsheni zamabele.
Ngenxa yokuthi uhlobo lwe-anthracnose luthathwa njengolushibhile nolungacekeli phansi imvelo, uDkt Digaef ulumbanise izinhlobo ezehlukene ezine-anthracnose nesivuno esingcono.
‘Kulesi sifunda, akubanga namkhankaso wokulumbanisa izinhlobo zamabele,’ kusho uDigafe. ‘Kwakhiqizwa ezinye izinhlobo ngokohlelo lwamabele eminyakeni eyishumi edlule, kodwa abalimi abazange bazisebenzise ngenxa yobufishane bazo, isivuno esincane, ukukhula ngamandla nokudliwa yizinyoni nokhula.’
Waqale wahlola ukucabanga kwabalimi naloko abakuthandayo nezingqinamba ezikhona ekulinyweni kwamabele entshonalanga Topiya, wase edlulela ekubhekeni izinhlobo ezikhona emabeleni. Zammakwa ngepeni elingacishi kwatholakala ukuthi zihlukile kwezinye futhi azifani kanti zandisa umkhiqizo ngokulumbaniswa nezinye izinhlobo ezehlukile.
UDigafe uqhamuke nezinhlobo ezintsha zamabele ezizosetshenziswa ekutshaleni nokuphucula umkhiqizo wamabele.
Uthe amakhono awathole ngokwenza lezi ziqu zobudokotela azomsiza ukuthi akwazi ukuphucula izitshalo, egxile emabeleni kuthi ekugcineni esivunweni esingcono sabalimi abancane eTopiya.
Ucwaningo lwami lungenze ngafunda ngezindlela ezithuthukile zokulumbanisa izithombo nokuphucula izinhlobo zezithombo ezithandwa ngabalimi, ngale kwaloko abalimi ngeke bathande ukusebenzisa izinhlobo ezingcono,’ kusho uDigafe.
Ngemva kokufundela amajazi okuqala eHaroyama University eTopiya, uDigafe wenze izifundo zobudokotela emkhakheni wakhe e-UKZN ngenxa yokuba mandla kwayo ekulumbaniseni izithombo ngendlela eyimpumelelo ngokocwaningo olugxile ezidingweni zabalimi.
UDigafe ushicilele amaphepha ocwaningo amathathu emabhukwini ahlonishwayo kanti kumanje kubuyekezwa amanye amaphepha akhe ocwaningo. UDigafe uxhaswe yi-National Research Foundation (i-NRF) ne-Agricultural Growth Programme of the Oromia Agricultural Research Institute (e-OARI) eTopiya, lapho ewumcwaningi khona oPhikweni lweziThombo.
UDigafe ubonge akade bengabaluleki bakhe ngenkathi enza ucwaningo oSolwazi Hussein Shimelis, uSolwazi Mark Laing noDkt Dagnachew Lule ngokumeseka, izeluleko nokumkhuthaza. Ubonge usizo lokuxhaswa yi-NRF ne-Biosciences Eastern and Central Africa Integrated Genotyping Service and Support ngokumsiza ngokulumbanisa izinhlobo zamabele. Ubonge ne-OARI ngokumenza akwazi ukwenza iziqu zobudokotela ne-UKZN ngokuba yindawo enhle yokucwaninga.
Amagama: wu-Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe



