Amazwibela e-Local Science Exhibition Day ebiseNquthu.Isikole SezeMfundo Sifinyelele Kubafundi BaseNquthu
Click here for English version
Emsebenzini waso wokufinyelela emphakathini iSikole SezeMfundo eKolishi LezesiNtu libambe iqhaza kwi-Local Science Exhibition Day yokuqala, eNquthu, eNyakatho yaKwaZulu-Natali ebihlelwe uMasipala Wasekhaya waseNquthu.
Imenenja yezeNtsha kumasipala uMnu Sikhumbuzo Shabalala uthe inhloso yombukiso ‘bekuwumema intsha noma abafundi bezikole zamabanga aphezulu bendawo ukuthi baveze amangwevu abo ezintweni zesayensi nokwabelana ngolwazi ngokuthi isayensi, izibalo noma ezobuchwepheshe kungasiza kanjani ukuphucula umsebenzi wabo wesikole’.
Abafundi bathole ithuba lokuhlangana nezikhungo zikahulumeni ezinjenge-Dube Trade Port ne-National Development Agency (i-NDA), bezwa nangamathuba omsebenzi nawemifundaze.
Enye yezingqalabutho nabahleli bombukiso bekungomunye wabafundi bakudala nowuthisha wasendaweni uMnu Luthando Molefe. ‘Lona umkhankaso waminyaka yonke wokuhlomisa abafundi bezikole zamabanga aphezulu nabaholi bangomuso ngolwazi namakhono endimeni yezesayensi. Sihlose ukuhlela eminye imibukiso yendima yamabhizinisi nezikhungo zemfundo ephakeme ukuze izikole eziningi zamabanga aphezulu zizobamba iqhaza,’ kusho yena
Uqweqwe olufundisa ezeSayensi ne-Academic Leader for Community Engagement eSikoleni sezeMfundo, uDr Angela James uthe: ‘Siyi-UKZN, sibonga kakhulu ukuba yingxenye yalo mkhankaso. Yithuba elihle leli kubafundi besayensi ukuthi bathekele ulwazi lwangomuso. ISikole sezeMfundo silekelele ngokugcwalisa izicelo zokufunda zabafundi nezothisha zokuqhuba izifundo.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo noLuthando Molefe
Isithombe: wuLuthando Molefe



