
Kucijiswa Abafundi Kwezamabhizinisi
Click here for English version
Inhlangano esanda kusungulwa i-Student Entrepreneurship and Innovators Society isanda kuba nomcimbi wokukhangisa ngamakhono abafundi baseNyuvesi YaKwaZulu-Natali abangosomabhizinisi.
Le nhlangano isungulwe onguMphathi Oyibamba Kwezobudlelwano eKolishi Yezifundo zezoMthetho nokuPhatha, uNkk Thandiwe Jumo; ilungu le-Enactus, uMnu Muhle Ndwalane; nelungu le-Deniim Friday, uMnu Rinae Thenga weSikole SezokuPhatha, Ezobuchwepheshe Nokubusa.
Njengoba iholwa yikomidi lase-Management and Entrepreneurship lapho izinze khona, le nhlangano ihlose ukuvumbulula izindlela ezintsha zokufukula imisebenzi yamabhizinisi kubafundi base-UKZN ngaphansi kohlaka oludume ngokuthi yi-CAVE, okuyi-Creative, Accelerator, Vibrant and Entrepreneurial.
UJumo uthe: ‘Inhloso ngokusungulwa kwalolu hlelo wukuthi i-UKZN ibe neqhaza elibonakalayo ekubeni yingxenye yokukhiqiza abantu baseNingizimu Afrika abazi ngebhizinisi. Yingakho sisungule inhlangano esiza abafundi ibahlomise ngolwazi, amakhono nokuqonda ngebhizinisi. Inhloso wukuthi abafundi nabafundisi basenyuvesi basebenzisane kulolu hambo lokufunda nokufundisa ngenhloso yokuthi I-KZN ikhiqize abafundi abazothuthukisa umnotho ngezindlela ezintsha.’
Besebenzisa izindlela ezithi zinandisa kodwa zibe zifundisa ukusungula indawo yohwebo, abafundi basekhempasini yase-Westville kade bedayisa izinto ezehlukene njengezinto zezinwele, imisebenzi yobuciko, izinto ezibhakiwe nesivuno esingacekeli phansi imvelo.
KuNdwalane, lo mbhidlango umqoka kakhulu njengoba njengelungu le-Enactus UKZN. Ubona ezamabhizinisi ziyindlela yokuxazulula izinkinga zezenhlalo nezezomnotho.
Uthe: ‘Njengomfundi owusomabhizinisi ngike ngabhekana nezinkinga eziningi, ikakhulu ngenxa yolwazi olungenele lwebhizinisi. Kukho konke engikufundile, ngibonile ukuthi uhlelo lwebhizinisi nokucijana ngolwazi kuyadingeka e-UKZN, ngangapholisa maseko ukuba yingxenye yalo mbhidlango.’
KuThenga, ukuba yingxenye yombutho wezindaba zenhlalo yabantu nezomnotho i-Deniim Friday kuyisigcawu esihle sokuthi abantu abangamaciko bakwazi ukuhlangana ukuze bazane, bathuthukise amathalente abo, bakwazi ukwazeke ukuze baphumelele kwabakwenzayo.
Ngokwezinhlelo zangomuso, le nhlangano ihlose ukuhlela amakhempu okucija abantu nokuba nezingqungquthela ezithinta uhlelo lokufunda lwamabhizinisi.
Ngeminye imininingwane ngale nhlangano, vakashela ku https://smitg.ukzn.ac.za/student-entrepreneur-innovator-society/
Amagama: ngu-Lungile Ngubelanga
Isithombe: ngu-Khumbulani Myeni no-Itumeleng Masa