
Uthole Umklomelo WezeMpilo
Click here for English version
UDkt Vanessa Moodley, ofundisa ezaMehlo eNyuvesi YaKwaZulu-Natali, uklonyeliswe ngendondo i-Health Professions Council of South Africa (i-HPCSA) Health Merit Award engqungqutheleni yaminyaka yonke yale nhlangano ebise-Emperors Palace, eGoli.
Le ndondo itholwa yilabo abavelele emsebenzini wabo wokwelapha. UDkt Moodley ubekhethwe yi- Professional Board: Optometry and Dispensing Opticians (i-PBODO).
Uthe: ‘Kade ngaba nothando lwentuthuko yomkhakha wami. Ngikhuthazwa ukubona ukuthi iningi labantu baseNingizimu Afrika abahluphekayo alikutholi ukwelashwa amehlo nokuthi kunezigameko eziningi zokuvaleka amehlo kwabantu okungagwemeka. Kuningi esingakwenza ukusiza ngale nkinga.’
Wengeze ngokuthi kumjabulisile ukuphinde akhethwe okwesibili ukuthi abe nguSihlalo we-PBODO nosihlalo we-Undesirable Business Practice Committee ye-HPCSA nelungu le-Professional Conduct Review Committee.
‘Kuyangithokozisa ukukhethwa umkhakha wami ungikhethela umklomelo omkhulu njengalona. Ngibonga ozakwethu abakhulu abangicobelele ngolwazi, labo engisebenze nabo nalabo engibe nenhlanhla yokubahola nokubafundisa,’ kusho yena.
UMoodley ube negalelo elikhulu ekuphuculeni ukufundiswa nokuhlinzekwa kwezamehlo. Ngenkathi eba uSihlalo we-PBODO ngo-2004, ezamehlo zazibaliwe, izifundo zezamehlo zingagculisi futhi kukuncane ukusebenzisana nabanye abasemkhakheni.
Ngaphansi kweso lakhe, kwabuyekezwa uhlelo lokufundisa izifundo zezamehlo, kwandiswa izinto ezingaphansi kwalo mkhakha ukuze zihlangabezane nezidingo zomphakathi kwathi ibhodi yabhukula kanzima ilwela ukuqashwa kongoti bezamehlo ezibhedlela zikahulumeni.
Ngemuva kokuqeda iziqu zobudokotela kwi-Social Accountability in Optometric Education, waba neqhaza emsebenzini wokuphuculwa kwezinhlelo zezemfundo ngokwakha izihlelo zokugunyaza izifundo zenhlanngano elawula lo mkhakha.
INgqungquthela yokuqala ye-HPCSA yenza ukuthi izithunywa zayo yonke imikhakha yezempilo, abashaya imithetho, abaklama inqubo, izifundiswa nabahlinzeki bakwazi ukudingida izindaba ezithinta lo mkhakha, ngisho nezinto ezenzeka manje ezingeni lomhlaba nelikazwelonke.
UMoodley uneziqu i-Bachelor of Optometry ne-Master of Optometry (ngamalengiso), kwase-University of Durban-Westville (esiyi-UKZN manje) ne-PhD yase-Dublin Institute of Technology e-Ireland. Wafunda i-Advanced Study in Ocular Diseases and Pharmaceutical Application and Neurology e-New England College of Optometry e-Boston, eMelika. Seloku abeka phansi izintambo zokuba uSihlalo we-Professional Board in South Africa, usekomitini i-Legislation and Regulation Committee of the World Council for Optometry.
Amagama: ngu-Nombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe