
Ososayensi Besifazane base-UKZN Bakhuthazile Esidlweni Sasekuseni
Click here for English version
Ukugubha i-Science Week kazwelonke neNyanga yaBesifazene kaZwelonke, i-UKZN ibinomcimbi wesidlo waminyaka yonke wesithathu i-Wonder Women In Science (WWIS) e-Coastlands Hotel, eThekwini.
Ubuhanjelwe ngama-“Wonder Women” aseNyuvesi, izisebenzi, izitshudeni, abafundi besayensi abawu-50 abebehlelwe wuMasipala waseThekwini, abamele izinkampani, nabezindaba. I-Amazon Web Services inikele ngemiklomelo kubo bonke abe-WWIS, kwathi uMasipala weTheku waletha abafundi abangama-50 basema-high school.
NgoNcwaba, i-College of Agriculture, Engineering and Science (i-CAES) ishicilele, yagubha imihlanganiso yososayensi besifazane abahlanu, ngamunye waseSikoleni saseNyuvesi, ngoxhaxha lwemibhalo yocwaningo ekhuluma ngegugu lemisebenzi yabo namagalelo abo ‘endimeni yezesayensi’.
ISekelashansela noMphathi we-UKZN, uSolwazi Nana Poku, wemukele izihambeli ezingama-230 wabonga umsebenzi omuhle wabo bonke abalingani abenze ukuthi i-WWIS ikwazi ukufeza iphupho labo nokulekelela ngokuqeqeshwa kwesizukulwane sosayensi sangomuso.
‘Ngithokoze kakhulu ukuba lapha ngoba lo mcimbi ugabisa ngaloko osekwenziwe ngezinye zezifundiswa zethu. Sibonile futhi nokuthi leli yithuba lokuthi sibone ukuthi kunzima kangakanani kwabanye abantu besifazane bakithi, ikakhulukazi labo abavela emiphakathini eyayincishwe amathuba, ukuthi bafinyelele esicongweni abafisa ukufinyelela kusona,’ kusho uSolwazi Poku. ‘Ngakho asigubhi ukufezeka komlando kuphela, kodwa futhi sihlaba ikhwelo emiphakathini yakithi, ezikhungweni zakithi, nakuhulumeni ukuthi babeke indaba yokudlondlobala kwabantu besifazane bayo yonke imikhakha yesizwe sakithi.’
UDkt weWWIS, u-Konstantina Velkushanova we-Pollution Research Group (i-PRG) yase-School of Engineering, ulandise ngephupho lakhe lakudala lokuba wudokotela, kodwa wagcina eseyisibabuli kwezobunjiniyela bezemvelo nakuba avelelwa yizingozi zemoto ezimbili, waphinde washonelwa wuyise esafunda.
‘Ngangikhuthazwa wukuthi ngifisa ukuhlenga izimpilo zabantu,’ kusho u-Velkushanova. ‘Ngenza imisebenzi yezamanzi neyokukhuculula kulabo abangenazo lezi zinto; labo abazidinga kakhulu. Ngomsebenzi wami ngikholwa wukuthi ngiphosa esivivaneni nsuku zonke ukuhlenga izimpilo ngaphezu kwaloko engabe ngiyakwenza ukuba ngangiwudokotela.’
I-Biostatistician nomfundi weziqu zobudokotela, uNks Nobuhle Mchunu we-School of Mathematics, Statistics and Computer Science, ulandisa ukuthi kwakunjani ukukhula eMdlovana nokusuka ekufundeni ngesiZulu aqale ukuyofunda ngesiNgisi, nothando lwakhe lwezibalo olwatshalwa wuthisha wakhe.
‘Akubanga lula ukufinyelela lapho ngikhona namhlanje. Bekunobuhixihixi endleleni,’ kusho yena. Washonelwa wunina ngenkathi enza i-master’s, wabuye wakhulelwa kube kufanele ondle izingane zakubo ezintathu. Kodwa noma kunjalo, waphokophela ukuba yisibonelo emndenini wakhe, waziphasa i-master's yakhe ngamalengiso. UMchunu ukhuthaze amantombazane ukuthi azithembe, aziqhenye ngomsebenzi wakhe wakhe, azikhandle.
UNks Mbalenhle ‘Mbali’ Gwacela, umfundisi wasenyuvesi osaqeqeshwa nowenza iziqu zobudokotela e-School of Agricultural Earth and Environmental Sciences (e-SAEES) ulandise ngohambo lwakhe olwamholela ekutheni agcine esewu‘sosayensi ngengozi’ nomfundisi onozwelo. Uxoxe ngokuphana kukagogo wakhe, ikakhulukazi ngokudla, athi kwamenza waba nothanda lwabanye abantu nentshisekelo yokulinywa kokudla. ‘Azikho izingozi kwisayensi,’ kusho uGwacela, ‘ngoba ikufundisa ukulindela loko okungalindelekile.’
UNks Devina Chetty, oyisitshudeni se-Honours e-School of Life Sciences, ubonge abazali bakhe, athe wafunda kubona ukusebenza ngokuzikhandla, bamfundisa ukuthi kuhle ukusebenza kanzima kuthela izithelo. ‘Kwangenza ukuthi ngiphokophele ukuphumelela, hhayi ukwenzela abanye abantu kodwa ukuzenzela mina,’ kusho yena. Ukhuthaze amantombazane ukuthi azifisele izinto ezinkulu bese esebenza ngokuzinikela.
UDkt Maria Schuld wase-Centre of Quantum Technology e-School of Chemistry and Physics uthe uzizwa eneqholo ngenxa yokukholwa wukuthi ngeke alahlekelwe yilutho. UDkt Schuld, owaqala ukufundisa iPolitiki, uthe wazisa ukucabanga ngezindlela ezehlukile nokusebenza ngokubambisana endimeni ye-Physics.
Ulandise ngamagwincigwinci ohambo lwakhe, olwagcina lumholele ezifundweni zobudokotela kwi-Physics. ‘Kunendawo yawo wonke umuntu kulo mkhakha, kanti wonke umuntu angaba neqhaza ekwakheni umphakathi,’ kusho yena.
Ngemva kwalezi zinkulumo ezikhuthazayo, izihambeli zithole ithuba lokuxazulula imiphicaphico ebihlelwe wuDkt Tanja Reinhardt wase-Science and Technology Education Centre nesuselwe ezinhlelweni zethelevishini.
Amatafula e-'Crime Scene Investigation’ nele-‘The Big Bang Theory’ aqoqe ubufakazi obehlukene ukuzama ukuthola ukuthi ngubani owayehleli endaweni ka-Sheldon, ukuhlola amasampula e-pH, ukuqhathanisa amanyela eminwe nokunye. Umklomelo unqotshwe yitafula lezisebenzi zakwa-PRG, e-CAES nase-SAEES.
Kushintshile kwamnandi ngesikhathi sokutomula imingenelo, lapho izethameli ziwine imiklomelo ehlukene khona. U-Eskom unikele ngamapeni, i-Information and Communication Services (i-ICS) yase-UKZN yanikela ngezikhwama zama-laptop nama-head phones, i-Corporate Relations Division yanikela ngezikhwama, kwathi i-2CANA Solutions yanikela ngama-keyboard nama-mouse kwewayilense ne-tablet.
Abahleli babonge abalingani obekukhona kubo uMasipala waseThekwini, i-2CANA Solutions, i-Amazon Web Services, uDis-Chem, u-Nestlé, u-RCL Foods, Umgeni Water; Eskom, i-UKZN InQubate, i-UKZN ICS ne-STEC@UKZN. Umhleli womcimbi uMnu Sashlin Girraj ubonge nezikole ebezikhona obekukhona kuzo i-Queensburgh Girls’ High, i-Durban Girls’ High, i-Eden College, i-Star College, iSithokozile Secondary School, i-Greenbury Secondary School, i-Wyebank Secondary School ne-Mariannridge Secondary School.
Ungabheka izithombe ku: https://wwis.ukzn.ac.za/2019-wwis-breakfast-gallery/
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Izithombe: ngu-Albert Hirasen