
Isitshudeni Seziqu Ze-BCom Sibhale Incwadi
Click here for English version
Isitshudeni esenza unyaka wesithathu kwi-Bachelor of Commerce in Supply Chain and Marketing, uNks Kwanele Motha, sibhale incwadi yaso yokuqala.
Le ncwadi ayisusele ekhanda nazishicilelele yona egama layo lithi-Dark Secrets, ilandisa indaba yentombazanyana eyindodakazi kasomabhizinisi odumile evelelwa yingozi, igcine ingasakhumbuli lutho. Abakubo bayiyisa phesheya, ifike phesheya ingene endimeni yezikaqedisizungu. Ngisho isibuyela ekhaya kutholakala ukuthi ayikhumbuli lutho namuntu, okuyinto umndeni wayo oyijabulelayo ngenxa yokuthi izinto ezaziyo zingawisa umndeni.
UMotha uthi: ‘Into eyangikhuthaza ukubhala le ncwadi wukufisa ukuzitholela into eyayingangichithisa isizungu. Loko ngakuthola ngokubhala. Baningi abantu ababethi ngeke ngikwazi ukubhala kanti ngangifisa ukubakhombisa ukuthi akunjalo.
‘Ngiphenduka omunye umuntu uma ngikhipha imicabango yami ngiyikhiphela ephepheni noma uma engikubhalile kuzobonwa yizwe. Ukuthi igcine iphumile incwadi yami kumnandi kodwa futhi kuyathusa,’ kusho yena.
Ngale kokuba yisitshudeni nombhali, uMotha ungomunye wabacija abanye abafundi kwi-BCOM-4 ngaphansi koPhiko LwezokuFunda NokuFundisa lwaseKolishi Yezifundo ZoMthetho NezokuPhatha. Ubamba iqhaza ezinhlelweni zokufinyelela emphakathini, lapho yena nabanye bevakashela izikole ukuyocija abafundi.
Kuyamjabulisa okwenzeka empilweni yakhe kanti uthi uzosebenzisa ulwazi alufundile ukukhangisa ngencwadi yakhe.
Ngeminye imininingwane ngoMotha, vakashela ku: YouTube channel no-Facebook: Kwanele Motha, Twitter: @kwaksy_, Instagram: @kwaksy_ @_eklectic noma i-blog ethi: https://kwaksy.home.blog/
Amagama: ngu-Lungile Ngubelanga
Isithombe: Sithunyelwe