
Azibuye Emasisweni, Asenze INyuvesi Ifa Lethu
Click here for English version
IQoqo lezamaSiko e-School of Social Sciences belinenkulumompikiswano e-Howard College Theatre ngokwenza i-UKZN igugu ngokohlelo lokuzibuyisa emasisweni.
Isikhulumi esiqavile bekuyiPhini LeSekelashansela nenHloko yase-College of Humanities, uSolwazi Nhlanhla Mkhize. Kwezinye izikhulumi bekukhona isitshudeni uMnu Xolani Dube; obemele i-University of KwaZulu-Natal Staff Union, uMnu Raymond Parkies; nomfundisi we-Anthropology, uSolwazi Maheshvari Naidu.
I-Cluster Leader for Culture (kwa-Anthropology and Tourism), uDkt Maserole Kgari-Masondo, ithe: ‘Inyuvesi yikhaya labo bonke abalingani, okuyizitshudeni, izisebenzi kanti kufanele ifeze izidingo zazo zonke izakhamuzi zayo.’ Ukholwa wukuthi ngesikhathi sokuzibuyisa emasisweni kumqoka ukudingida izindlela bonke abalingani abangenza ushintsho ngayo ukuthi i-UKZN ifa.
‘Ukuthi azibuye emasisweni eNyuvesi kusho ukuthi kufanele sakhe isiKhungo esihambisana nezidingo zezwe, ezezitshudeni, nezisebenzi nabantu bomhlaba wonke. Loku kusho ukuthi wonke amasiko kufanele abe seqhulwini, ikakhulu amasiko endabuko njengoba kade enganakiwe isikhathi eside,’ kusho yena.
Enkulumweni yakhe eqavile, uMkhize ubalule ubumqoka kumuntu bokwazi umlando wakhe ikakhulukazi imigomo yobuntu ukuze ibe yisisekelo sohlelo lwemfundo yase-Afrika. Uzwakalise ukudumala ngokuthi i-UKZN ayikethuli kulesi sikhungo uhlelo lwezemfundo lomlando wase-Afrika ngokombono wayo wokuba yiNyuvesi eNgungqaphambili kweZemfundo yobu-Afrika.
Sidinga ukuthi zibuye emasisweni, sifake umfutho omusha, sibuyele esisekelweni socwaningo nolwazi oluhlanganise imikhakha ehlukene kodwa exhumene,’ kusho uMkhize. Ukholwa wukuthi ulimi luyisisekelo ohlelweni lwemfundo lokuzibuyisa emasisweni, wase ememezela ukuthi iKolishi lizophinde lifundise izifundo zesiSwahili nezesi-Arabhu ukuzibuyisa emasisweni.
UDube uthe ubu-Afrika abunikwa indawo ebufanele ezifundweni kanti insila yobukoloni idlangile emanyuvesi. Ukhulume ngezinto ezenzeka ezimpilweni zezitshudeni zase-Afrika, wabalula ukuthi kufundwa ngazo esikhundleni sokuthi kufundwe kuzona. ‘I-UKZN kufanele ngiyishayele ihlombe ngokuthatha izinyathelo zokulungisa izinto, ikakhulukazi ukulwela ukuthi isiZulu sibe yisifundo esiphoqelekile ngonyaka wokuqala,’ kusho yena.
UParkies uthe enye yezindlela yokwenza i-UKZN ifa lethu wukunakekela izitshudeni njengoba befanelwe yimfundo esezingeni eliphezulu. Ukholwa wukuthi akufanele nje izitshudeni zigcine ngokufundiswa ngolimi lwazo kodwa futhi i-UKZN kufanele izihole ekubambisaneni nezinkampani zaKwaZulu-Natali ukuxazulula inkinga yokushoda kwemisebenzi.
‘Njengesikhungo semfundo ephakeme, i-UKZN kufanele ihambe phambili ekulungiseleni izitshudeni nezisebenzi ukuthi zilungele isikhathi sobuchwepheshe besimanje. Loku kumqoka ukukhulula inyuvesi yethu emaketangweni engcindezelo yobukolini,’ kusho uParkies.
UNaidu uthe uhlelo lokuzibuyisa emasisweni lumqoka kwingqalasizanda nesisekelo solwazi, ezemfundo nesimo sokufundisa nokufunda.
‘Umlando wabantu wumzabalazo phakathi kokubona impilo engcono nokunqindeka kwayizolo nokwanamuhla. Okunye kwaloku kunqindeka kuyabonakala kanti okunye okwezenhlalo nezombusazwe,’ kusho yena.
UNaidu uchaze inqubo yobukoloni njengendluzula encenga kancane yomonakalo oza unyelela isikhathi eside nasendaweni enkulu. Ubalule ukuthi izwi labafundi ngesikhathi se#FeesMustFall lakhula ladlondlobala lagcina liyisikhalo sokuthi mazibuye emasisweni, imfundo yase-Afrika nenyuvesi yase-Afrika. ‘Kodwa ngeke senze sengathi asiboni ukuthi izitshudeni emanyuvesi ethu ziza nomlando wemizimba neyobulili bazo.’
UNaidu uthi uhlelo lokuzibuyisa emasisweni ludinga ukuqina kodwa luthambele ukushintsheka. ‘Ngeke kube yimpumelelo ukumba izinto esezadlula nesimo impilo eyayiyisona. Ukwenza loko kungafana necala elibomvu lokuphendula ifa le-Afrika upopayi, okungaba wubukoloni obusha. Lena yinto okufanele siyiqaphele ukuvuselela inyuvesi yethu nokuyibeka endaweni yokuthi ibe yifa lethu,’ kusho yena.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: ngu-Itumeleng Masa