
Kubhekwe i-Othizimu Esithangamini Sase-UKZN
Click here for English version
Ithimba le-DRILL Mental Health yaseKolishi Lezifundo ZezeMpilo belinomcimbi i-Autism in Africa Symposium lapho ongoti abaningi bakuleli nesikhulumi somhlaba, uDkt Rosa Hoekstra, bekhulume ngezinsiza zezempilo nocwaningo nge-Autism Spectrum and Developmental Disorders.
U-Hoekstra, onamava amakhulu ekufundiseni ngezengqondo e-King’s College e-London, wenza ucwaningo olusezingeni eliphezulu, omiphumela yalo yenze umehluko omkhulu emindenini okukhona lokhu kugula kuyo nezinye izifo zengqondo emhlabeni.
U-Hoekstra ulandise ngocwaningo lwakhe ngezifo zengqondo ne-othizimu-Ethipia okuthinta ucwaningo nomsebenzi wakhe wokwelapha eKZN.
Izizathu zenhlalo nezamasiko ezithinta i-othizimu zimqoka ekuqhamukeni nendlela efanele yokuhlola lesi sifo, umphumela wokuqeqeshela ezengqondo ukwandisa ulwazi ngezifo zezengqondo kwizisebenzi zezempilo zasemakhaya nokuhlola uhlelo i-Parent Skills Training ye-World Health Organisation kwabanakekela izingane ezinokukhubazeka ngokwengqondo.
Izikhulumi zakuleli, udokotela wezingane wemizwa e-Children’s Hospital (e-KZNCH), uDkt Vasantha Govender, nesikhulu sezifo zezingane uDkt Sajal Pillay, bethule ulwazi ngohlelo oludidiyele losizo ngezifo zengqondo ezitholakala esibhedlela. Ucwaningo luka-Pillay lwabantu abakhonjwa esibhedlela luveze ukuthi zingamaphesenti angama-87 izingane ezaqala ukulethwa ukuthi zizonakekelwa zinezinyanga ezingama-36, kwathi eziningi zalethwa ziphakathi kwezinyanga ezingama-49 nama-60. Okukhathazayo wukuphuza ukubonakala kwezimpawu nokuyiswa kwazo kungoti wezempilo, okungafinyelela eminyakeni emibili kuphinde kuthathe eminye iminyaka emibili ukufinyelela osizweni lobuchwepheshe e-KZNCH.
Iziguli zakhona eziningi zalethwa nezinkinga zokukhuluma ezivuma ukusheshe zilethwe. I-ADHD nokukhubazeka ngokomqondo ngezinye zezifo ezivamile ezabonakala lapha.
Ofundisa e-UKZN nowungoti wezifo zengqondo ezinganeni e-King Dinuzulu Hospital Psychiatric Hospital eThekwini, uDkt Saeeda Paruk, uthe lezi zifo zivame ezinganeni nakubantu abadala kwabanalezi zifo. ‘Ukuhlambalazeka, ukunakekelwa kwezempilo nezinselelo zamasiko kubazali zivame ukuholela ekuphuzeni kokutholakala kosizo. Kumqoka ukusheshe kuhlolwe, kutholakale ukwelashwa ezinganeni ezigulayo,’ kusho u-Paruk.
Esinye isikhulumi, usihlalo nomunye wabasunguli be-Action in Autism, uNks Liza Aziz, waba neqhaza elikhulu ekunxuseni uMnyango wezeMfundo eKZN ukuthi wenze uhlelo lwemfundo yabafundi abanenkinga ye-Autism Spectrum Disorder. UNks u-Aziz ubalule izinselelo abazali bezingane ezine-othizimu ababhekene nazo, walandisa ngomsebenzi osuwenziwe yinhlangano engenzi nzuzo ekuhlinzekeni nasekwesekeni izingane nabantu abasha abanalesi sifo kanye nonompilo.
Kwezinye izikhulumi ebezikhona wumfundi weziqu zobudokotela kule ndima nowumcwaningi we-AMAFI uNks Lucy Chitehwe obalule izinselelo zokukhulisa izingane emiphakathini yasemakhaya lapho izinsizakusebenza zingatholakali kalula khona noma kungafinyeleleki kalula kuzo, kwathi uNks Debbie Fewster oyi-occupational therapist yena wagxila esimweni sonompilo nezidingo zabo, wagcizelela uhlelo losizo oluzwana nendawo nendawo.
Umhleli walesi sithangami sokucobelelana noyi-DRILL PI for Mental Health uDkt Suvira Ramlall uthe lesi sigcawu besihlose ukuqhakambisa indima enesidingo somsebenzi omkhulu ngokwenhlalo nangokwezokwelapha eKZN. Ngaphezu kwalokho, uthe nakuba kunesidingo esikhulu sokuqonda izinselelo zezenhlalo namasiko ekuboneni ukuphazamiseka ngokomqondo nesokweseka izingane nonompilo, kodwa luncane ucwaningo ngalesi sifo eKZN.
Kulesi sithangami bekukhona odokotela, abahlengikazi, ongoti bezengqondo nabacwaningi, abamele uMnyango wezeMfundo nezinhlangano ezingenzi nzuzo.
Amagama: ngu-Nombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe