Isitshudeni Sicijelwe Ukuba Umholi KweZokuguquka Kwesimo Sezulu Yinhlangano YowayeyiPhini LikaMengameli WaseMelika
Click here for English version
UMnu Clement Agoni, isitshudeni esenza iziqu zobudokotela kwezamakhemikhali amakhambi okwelapha esicijwa uSolwazi Mahmoud Soliman, usanda kuqeqeshwa eMelika emcimbini obuwenziwe ngokuhlanganyela yi-The Alliance for Climate Protection/The Climate Reality Project, eyinhlangano engenzi nzuzo eyasungulwa yilowo owayeyiphini likamengameli waseMelika uMnu Al Gore.
Injongo yalo mcimbi obungasekuqaleni kwenyanga wukucija abaholi kwezokulawulwa kwesimo sezulu ngokohlelo i-Climate Reality Leadership Corps lapho becijwa khona ngolwazi nezikhali okudingekayo ukusabalalisa umyalezo ngenkanankana yesimo sezulu esiguquguqukayo nesidingo esisheshayo sokukwazi ukuyixazulula.
Izethameli zilalele inkulumo enohlonze ka-Gore, zacetshiswa ngokuthi imiyalezo yezesayensi nezokushintsha kwesimo sezulu idluliswa kanjani ngesisoka ezethamelini zangomuso.
U-Agoni uqokwe waba ngomunye wabaholi abavelele abangama-30 emhlabeni ukuthi bayomela i-Global Shapers Community of the World Economic Forum kuloku kuqeqeshwa okumqoka okuhlose ukuthola ikhambi lenkinga yokuguquka kwesimo sezulu. Njengomholi kwezokuxazululwa kwesimo sezulu esiguqukayo, u-Agoni ubhekene nokuba sekhaleni lezindaba zokuguquka kwesimo sezulu ngezithangami, izinkulumo nezingxoxo nabalingani kulo mkhakha.
Amagama: Ndabaonline