
Isithangami Sengxoxo NgeNyanga Yabesifazane Nge-GBV Emsebenzini
Click here for English version
I-UKZN Foundation ibinomcimbi wokukhuphula isikhwama sezimali e-Barnyard Theatre yaseThekwini ngeNyanga yabeSifazane obuyisidlo sasemini nengxoxo ngokuhlukunyezwa ngokobulili (i-GBV).
Phakathi kwezikhulumi bekukhona ingwazi kwezobuntatheli kumabonakude nomsakazo, uNks u-Vanessa Govender; uMphathi Omkhulu we-Durban Chamber of Commerce, uNks Palesa Phili; uMqondisi kwezokuThukuthukisa Ezabasebenzi e-UKZN, uNkk Busi Ramabodu; nofundisa ezoMthetho e-UKZN noSihlalo wekomidi elibhekele i-GBV eNyuvesi, uNks Janine Hicks.
Izinkulumo bezigxile ku-GBV emsebenzini nokufanele kwenziwe ukukugwema nokweseka izisebenzi ezibhekene nako.
UNks Hicks uthe phakathi kwezinselelo ezikhona kungabalwa ukungabiki ngokwanele ngenxa yokuthi abantu bamanqika ukubika izigameko ze-GBV ‘nokungabi bikho zwi lokwesekana’.
Ugcizelele ubumqoka bokuthi kube khona inqubomgomo ngokuhlukumeza ngokobulili emsebenzini, wathi kufanele abasebenzi bacaciselwe ukuthi i-GBV iyicala.
UNks Govender ulandise ngokuhlukunyezwa kwakhe ngokomzimba nangokomphefumulo. ‘Akekho umuntu onendaba. Akekho osesekayo,’ kusho yena. Incwadi engempilo yakhe esanda kushicilelwa, ethi Beaten but not Broken, ilandisa ngokuhlukunyezwa kwakhe owayethandana naye emsebenzini.
UNks Phili ubalule indaba yobubhoklolo emsebenzini, wazibophezela ukubuyela emuva ayobheka emsebenzini wakhe ukuthi ikhona yini inqubomgomo elawula ukuhlukunyezwa ngokobulili.
UNkk Ramabodu uthe ucwaningo luveza ukuthi iningi labantu abahlukumeza ngokobulili ngabantu besilisa. ‘Kufanele zijike izinto,’ kusho yena, egcizelela ubumqoka bokuxoxa ngezihloko ezinzima njengokuhlukumeza ngokobulili.
Izethameli zikhulume ngezihloko eziningi, phakathi kwazo okukhona ukuthi bakhuliswa kanjani abafana ukuze bangabi ngabahlukumezi nokuthi kube nemicimbi lapho kumenywa khona abantu besilisa bazobamba iqhaza ngokuhlukumeza ngokobulili.
UMqondisi oMkhulu we-UKZN Foundation, uSolwazi u-Anesh Singh, ukhuthaze akade bekhona ukuthi banikelele i-Foundation ukuze izofundisa ngokuhlukunyezwa ngokobulili kubasebenzi nabafandi base-UKZN.
U-Singh ubonge abaxhasi bomcimbi weNyanga yaBesifazane, obekukhona kubo i Serendipity Travel ne-Specsavers Gateway.
Ofisa ukunikela ukulwa nokuhlukunyezwa ngokobulili angavakashela ku-https://www.backabuddy.co.za/gbv.
Umcimbi usongwe nge-Smash Hit Radio, umdlalo weshashalazi wase-Barnyard Theatre odle ngedili lomculo weminyaka engama-60 edlule.
Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer
Izithombe: ngu-Itumeleng Masa