UNks Priyanka Roopnarain uphume isibili ngochungechunge lwakhe olubizwa ngokuthi “Populism, Culture and Love”.Umfundi Wezezakhiwo Udle Umhlanganiso Emcimbini E-Mexico
Click here for English version
Umfundi wezifundo zezakhiwo uNks Priyanka Roopnarain uphume isibili emunxeni obizwa nge- “Technical Alternatives” ngaphansi kuka-“Student” kwi-International Image Festival ebise-Mexico.
Uchungechunge lwakhe lubizwa ngePopulism, Culture and Love. Lunezimpawu ezintathu, ngalunye lukhombisa uhlangothi oludume ngesikhathi esithile, phecelezi i-populism. URoopnarain udidiyele indikimba ye-festiveli i-Populism nobuciko bakhe obuhlanganisa okwakudala nokwangomuso, ngamanye amazwi waqhathanisa izinto zesimanje nezakudala ngokwendikimba yezombusazwe.
Uthe: ‘Bengingakulindele ukuphuma isibili. Ngathumela umngenelo wami ngingabhekile ukufinyelela kowamanqamu, angisayiphathi-ke eyokuphuma isibili emhlabeni wonke. Ukunqoba kulo mncintiswano kuvuselele ukuzethemba kwami, kanti angikakholwa namanje ukuthi ngiphume isibili.’
URoopnarain wathumela umsebenzi wakhe kwiFestiveli ngenhloso yokuthuthukisa umsebenzi wakhe wobuciko. ‘Ngangibheka indlela yokungena endimeni yezobuciko (ngale kwezinkundla zokuxhumana), ngidinga inkundla lapho umsebenzi wami uzobhekwa khona ngeso lokuhlonishwa. Imincintiswano iyigugu kulabo abafisa ukubonakala, nomsebenzi wabo ubhekwe ngeso lokuhlonishwa. Akusiyo imali engiyibhekile kuphela kepha futhi wukuthi umsebenzi wakho wobuciko uhlonishwe emhlabeni yinto enkulu egqamisa igama lakho,’ kusho yena.
Okwamanje uRoopnarain ugxile ekuqedeleni iziqu zakhe, abone ukuthi umsebenzi wakhe wobuciko uzomenzelani.
‘Njengeciko, kwakumele ngikhethe umkhakha osebenzisa ukudweba nendlela entsha yokwenza izinto kuzo zonke izindawo. Ezezokwakha ngizithatha njengezinye izindlela zobuciko ezimqoka, yizo ezikhomba ukuthi singabantu abanjani nendawo esihlala kuyo injani; sihlala, silale, siphila endaweni enjani zonke izinsuku zokuphila kwethu. Ezezokwakha zikwenza ukwazi ukushintsha umumo noma umdwebo ube yindawo okuhlalekayo kuyo. Azigcini nje ngokuba wumfanekiso noma umdwebo kodwa zigcina ziyisimo sansuku zonke.’
Iseluleko sakhe kwabanye abafundi sithi: ‘Ungabubulali ubuciko bakho futhi ungayishintshi into oyizwa ngaphakathi. Uma unesiphiwo esithile, sisebenzise. Kunesizathu sokuthi ube nethalente.’
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



