USolwazi Harold Ngalawa (kwesobunxele) ehalalisela uDkt Montfort Mlachila ngesifundo esibe yimpumelelo.Owe-IMF Wethule Isifundo Ngesimo Somnotho e-Sub-Saharan Africa
Click here for English version
INxusa eliKhulu le-International Monetary Fund (i-IMF) eNingizimu Afrika, uDkt Montfort Mlachila, usanda kwethula isifundo somphakathi nge-Sub-Saharan Africa esibizwa nge-Regional Economic Outlook: Recovery Amid Elevated Uncertainty e-Graduate School of Business and Leadership.
Lesi sifundo besihlelwe yi-Macroeconomics Research Unit (i-MRU), ithimba losomnotho okukhona kubo abafundisa enyuvesi nabafundi abenza iziqu zobudokotela kwezomnotho base- School of Accounting, Economics and Finance.
Isimo somnotho ongakhuli waseSub-Saharan Africa, isimo esibucayi sezimali ezingenayo, ukukhula kwesikweletu nendlela enhle yokuphatha imali bekusezithebeni kulesi sifundo.
‘Ucwaningo lwethu ngokwanda kwesibalo sabantu kuveza ukuthi kudingeka imisebenzi eyizinkulungwane ezingama-20 ngonyaka esifundeni ngasinye. Yinselelo enkulu le njengoba umnotho ungakhuli,’ kusho uMlachila.
Wengeze ngokuthi kudingeka ushintsho ekulawuleni indlela okusetshenziswa ngayo imali nokudala imisebenzi. Amazwe kufanele aphucule indlela aqoqa intela ngayo, indlela yokuphatha imali yabantu, ukusebenzisa imali ngendlela efanele neyongayo, ukunciphisa izithiyo ngokuqoqwa kwentela yohwebo nokugqugquzela uhwebo lwezifunda.
Uchaze wathi: ‘Into okudingeka iNingizimu Afrika iyazi ukuthi ukukholelwa emnothweni wezwe kosomabhizinisi yiyona nto eyisisekelo sokutshala izimali, kanjalo nezinkampani zikahulumeni. Kuyagqoza ukukhula komnotho eNingizimu Afrika uma sihloniphisa kanti ukuhlale kutakulwa izinkampani zikahulumeni ezicwile ezikweletini akushintshi indlela ezenza ngayo. U-Eskom watakulwa ngemali enkulu eminyakeni emihlanu edlule kodwa bheka ukuthi kwenzekani manje. Uma sibheka phambili, kusazoma ukukhula komnotho kanti kunesidingo sokushintsha izinqubo zokwenza izinto ukuze kubhekwane nalezi zinselelo zomnotho.’
Umsunguli we-MRU ne-Dean Eyibamba eKolishi Yezifundo ZezoMthetho NezokuPhatha uSolwazi Harold Ngalawa uthe ukuba nongoti onjengoMlachila ezokhuluma nabafundi nothisha ngesimo sezimali nomnotho wesimanje kukhombisa ukuzinikela kwezokufunda nokufundisa.
‘I-MRU iyakholelwa enjongweni yeNyuvesi yokugqugquzela ukwenziwa kocwaningo okusezingeni eliphezulu. Sibambisene nezimboni ukuqinisekisa ukuthi ucwaningo lwethu alugcini nje ngokushaya emhlolweni kodwa futhi lusezingeni eliphezulu,’ kusho yena.
Amagama nesithombe: nguThandiwe Jumo



