
I-Enactus yase-UKZN Iphume Isithathu Kumqhudelwano kaZwelonke
Click here for English version
Ithimba le-Enactus yase-UKZN liphume isithathu labambana ne-University of Pretoria ne-Durban University of Technology emqhudelwaneni kazwelonke wale nhlangano esiza abantu obuseGoli.
I-Enactus ichazwa ‘njengenkundla enkulu emhlabeni yokufunda ngokwenza nokucija abaholi bezamabhizinisi nomphakathi’. Abaholi bale nhlangano kwezamabhizinisi, ezemfundo nezabafundi bahlanganiswa wumbono wokwenza ngcono izinto emhlabeni.
Ngosuku lokuqala i-UKZN iqhudelane namathimba ase-University of Limpopo, i-Cape Peninsula University of Technology ne-Rhodes University. Ubunzima umqhudelwano kodwa i-UKZN yedlulela esigabeni esindulela esamanqamu, lapho iqhudelane khona ne-Cape Peninsula University of Technology, i-Durban University of Technology ne-University of Venda.
Ngemva kokuhlunga obekunzima, i-UKZN idlulele kowamanqamu, lapho ishaye into ecokeme iqeda endaweni yesithathu.
Kuyo yonke imincintiswano, ithimba lase-UKZN ligqame ngokucula nokudansa okuthathe amehlo abantu, kwathi amalungu alo anqoba imiklomelo eyehlukene eseceleni. UMengameli we-UKZN Enactus wangowezi-2018/19, uMnu Siphesihle Sekeleni, uklonyeliswe nge-Evan Paulos Leadership Excellence Award yangowezi-2019.
Amalungu e-Enactus yase-UKZN adumele ngomphumela kodwa akhuthazeka ngemuva kwamazwi kaMnu Thomas Radebe wodumo lezinkulumo ezakhayo nezikhuthazayo. URadebe uthe: ‘Kufanele ukuthi nidumale kodwa akufanele nidangale,’ wathi amalungu awaphinde amagama akhe athi: ‘Ukuba phakathi kompetha kusho ukuthi singompetha’.
Amagama: NguNomqhele JD Dube