
Owayengumfundi wase-UKZN Uklonyeliswe nge-SAMA Record of the Year
Click here for English version
Umculi we-House, uNks Holly Wasserfall, odume ngelika-Holly Rey, uthole indondo ye-Record of the Year ngengoma yakhe ethi Deeper kuma-25th South African Music Awards (ama-SAMA) e-Sun City Superbowl. Umklomelo ovotelwa ngabalandeli.
Ekhuluma emcimbini wama-SAMA, uHolly Rey uthe: ‘Sigqugquzele izwe lonke ukuba liqinisekise amaphupho azo zonke izingane ezinephupho. Le ndondo ngeyazo zonke izingane esengake ngahlangana nazo ezazingikhumbuza ubusha bami nalokho engakuqala eminyakeni eyishumi edlule. Kholwa! Ngiyabonga kubo bonke ngothi lwabo abakwa-Kumisa Artist Management Master Class yangowezi-2019 ngokweseka lo mkhankaso nokunqoba kwami. Eyethu sonke le mpumelelo!’
Ngaphezu kwalokho ugixabezwe nge-Platinum Certification yakwa-Recording Industry of South Africa ngenoni lakhe elithi Deeper, elifinyelele ezigidini ezi-3.5 zama-stream. Uqhube wathi: ‘I-House ayisilo uhlobo lomculo kepha iwusiko futhi engiziqhenyayo ngalo.’
Kumanje uhlanganisa amanoni amasha azowakhipha ezinyangeni ezimbalwa ezizayo. Okuhlalukayo uma ese-studiyo noma ebhala umculo wukuthi akenqeni ukwenza izinto ezintsha ngesigqi esithakaselwa ngabalandeli bazo zonke izinhlobo zomculo. ‘Angizami ukuzenza into engingesiyo,’ kusho yena. ‘I-Deeper kwakungesiyo indlela yokusebenzisa i-House kepha kwakuyindlela yokuzwakalisa engikuzwa ngaphakathi ngengoma yothando, eyisisekelo somculo wami.’
Uthe umculo we-House ungothando. ‘Ngizama ukubhala umculo ophikisana nemibono ejwayelekile ngothando nogqugquzela umqondo ozimele wabantu besifazane. Kulo nyaka ngizimisele ukuqhubeka nokuba ngumculi ozimele, ngiqhubeke nokuba yivulandlela lamaciko angabantu besifazane kulo mkhakha,’ kusho yena.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe