
Ososayensi Base-UKZN Bathole Izigidi Zamarandi Zocwaningo
Click here for English version
Ososayensi baseKolishi Lezifundo Zezempilo e-UKZN bahlomule ngesibonelelo sezigidi zamarandi eziyi-R12.8 sakwa-South African Medical Research Council nakwa-Medical Research Council UK/Newton Fund somkhankaso i-UK-South Africa Joint Initiative on Mental Health. Lo mxhaso uzokhokhela ucwaningo lweminyaka emithathu lwemikhakha ehlukene kwezempilo kuMasipala uMsunduzi Municipality wakwaKwaZulu-Natal.
Izifo zengqondo ziyizimo ezijwayelekile (kuvame ukwenzeka kane enkulungwaneni) ezinomthelela omkhulu enkingeni yezifo emhlabeni futhi zihambisana kakhulu nokugula, ukukhubazeka, izindleko zezempilo nokulahlekelwa komkhiqizo kwezomnthono. I-first-episode psychosis, ebuye ibizwe nge-early psychosis, ivame ukuthusa, ilethe indida nencindezi kumuntu obhekane nalokhu kanti futhi kubanzima emndenini wakhe. Abantu abaningi abavame ukuba nalezi zifo ngabasemazweni antulayo, lapho kusweleke khona izinsizakusebenza, nesimo sezempilo sintenga nokuqonda izindlela zosizo lwalokhu kugula kukuncane.
IPhini leSekelashansela EliyiNhloko Yekolishi Lezifundo Zezempilo, uSolwazi Busisiwe Ncama, lithe: ‘Ngifisa ukuhalalisela abaCwaningi Abakhulu, oSolwazi Chiliza no-Burns, nethimba lonke ngokuthola lo mxhaso. Isimo sengqondo ngenye yezinto eziseqhulwini esizicwaningayo. Ngakho-ke sijabule kakhulu ngendaba yomxhaso kodwa ngaphezu kwalokhu sibheke ukuthi imiphumela yalolu cwaningo izothini empilweni yabantu, ikakhulu esimweni semiqondo yabo. Imiphumela yocwaningo siyibheke ngabomvu. Silifisela inhlanhla leli thimba kanti lizothola ukwesekwa ehhovisi lePhini LeSekelashansela.’
Lolu cwaningo, olubizwa nge-PSYchosis MAPping in KwaZulu-Natal (i-PSYMAP-ZN), inhloso yalo wukuthola ulwazi oluzokwenza kuqondakale kangcono loku kugula ngengqondo ezindaweni ezise-sub-Saharan Africa ngokubheka ukuvama kwazo, ukwethulwa kwazo ngokwezempilo nezinye izingozi ezihambisana nokukhubazeka ngengqondo kanye nomthelela wakho kwezenhlalo, ezomnotho nezendawo yokuhlala, ukuqala nokwethulwa kwalokhu kukhubazeka endaweni enjalo. Luzohlola nezindlela zokuhlwaya usizo ezigulini nasemindenini yazo noma konompilo ababasizayo esimweni abakuso.
Locwaningo luzoba nabantu bakuMasipala uMsunduzi, okukhona kuwo izindawo ezisemadolobheni (uMgungundlovu), ezisemngceleni wasedolobheni (iYideni) nezisemakhaya (iVulindlela). Lokhu kuzokwenza ososayensi bakwazi ukuqhathanisa kahle phakathi kwezindawo ezihlukene ngokomnotho, okwenhlalo nokwamasiko, zonke ezigajwe wuguquko kwezomnotho nenhlalo nezingenwa wubudolobha.
InHloko yomNyango wakwa-Psychiatry e-UKZN, uSolwazi Bonginkosi Chiliza noSolwazi we-Psychiatry e-University of Exeter, uSolwazi Jonathan Burns, bangabaCwaningi Abakhulu baseNingizimu Afrika nase-United Kingdom.
Amanye amalungu ethimba ngo-Dkt Andrew Tomita wase-UKZN naKwaZulu-Natal Research Innovation and Sequencing Platform (umcwaningi owumlingani), uSolwazi Frank Tanser (ozimele), no-Saeeda Paruk no-Shamima Saloojee (we-Psychiatry). Lo mxhaso uzolawulwa yi-KwaZulu-Natal Research Innovation and Sequencing Platform.
Amagama: ngu-Gugulethu Mkhize no-Maryann Francis