
Kubenesasa Ukwethulwa kwe“Big Data” for Science and Society!
Click here for English version
Ngokwethulwa kwephrojekthi ye-Big Data for Science and Society (i-BDSS), uhlelo oluhamba phambili lwase-UKZN lwe-Big Data and Informatics luhlose ukushintsha indima yocwaningo ngokubhekana nezinselelo ezithinta ezesayensi, umphakathi nezomnotho.
Iphini LeSekelashansela kwezoCwaningo e-UKZN, uSolwazi Deresh Ramjugernath, uthe: ‘Sifisa ukulandela indlela yocwaningo ehlanganisa imikhakha ehlukene, siqede ukusebenzela emakhosombeni, sakhe amathimba amakhulu ocwaningo.’
Iholwa wuSolwazi Francesco Petruccione, i-Big Data and Informatics ingenye yezinhlelo ezinkulu zocwaningo ezethulwa ngonyaka wezi-2018. Iqhaza layo wokuthuthukisa i-‘big data’ ekucwaningeni ebuchwephesheni besimanje bokusebenza nokwenza izinto. Ngokohlelo lwayo, isiqalile ukwenza lo msebenzi ngezigcawu zezisebenzi zanyanga zonke ekucwaningeni ulwazi locwaningo nge‘big data’, lapho kubuye kumenywe khona ongoti kulo mkhakha. ‘Ushintsho ocwaningweni lungenzeka ngomqondo wokuba negalelo elibonakalayo, kanti lokhu kudinga ukuthi sizihlole thina ngokunika iNyuvesi yethu inselelo ukuze ingaphelelwa yisidingo,’ kusho uPetruccione, ‘
Umsebenzi we-BDSS uholwa ngabacwaningi abakhulu abathathu, ngamunye omele umkhakha wakhe. Laba bacwaningi bangoSolwazi Kavilan Moodley owungoti we-Astrophysics, uSolwazi Maheshvari Naidu we-Geospatial Humanities, noSolwazi Onisimo Mutanga we-Earth Observation.
U-Moodley ubalule ukuthi isebenza kanjani indaba ye‘big data’, wathi: ‘Kithina ukuze sikwazi ukuthola “i-big data”, kufanele sisebenze ngolwazi olunjalo thina uqobo lwethu,’ u-Naidu wagxila emiphumeleni abafisa ukuthi lolu cwaningo lube nawo emiphakathini abasebenzisana nayo. Obekusemqoka kuMutanga wukuhlangana kwemiqondo. ‘Kwi-astrophysics, u-Moodley ubheke phezulu kanti mina ngibheke phansi kepha noma kunjalo, sibhekene nezinselelo ezifanayo,’ kusho uMutanga.
Ngezigidi eziyi-9 zamarandi ezitshalwe i-UKZN, le phrojekthi ihlose ukwandisa umkhiqizo negalelo le-big data. Ukwenza lokhu, amaphrojekthi aphakathi kwemikhakha namazinga ehlukene azoqoqwa bese ehlanganiswa ukuze kusetshenzwe ngabasebenzi abaningi (abawodokotela emikhakheni yabo nabenza iziqu eziphakeme emikhakheni yabo), ababambiqhaza bangaphandle (abanamakhono nezinto zokusebenza ezifanele) nezinhlelo eziningi ezihlelekile.
Ezindleleni ezintsha zocwaningo ezizosetshenziswa kubalwa:
- Ukusetshenziswa kwezibuka-kude anjenge-Square Kilometre Array, i-Large Synoptic Survey Telescope, iReal-time Analysis eyaziwa nge-HIRAX ne- Karoo Array Telescope eyaziwa nge-MEERKAT, ukuqoqa imininingwane;
- Ukugxila ku-GIS, ku-data mining, nasemifuziselweni yezikhala ukuhlaziya imiphumela yocwaningo lwe-big data;
- Imisebenzi yobuchwepheshe be-Cloud ukulawula i-big data.
Ikhuthazwa yi“big data” nevuso lokuba nomsebenzi ohlelweni lobuchwepheshe besimanje; iSikole Sezibalo, Izibalomidanti neZifundo zekhompyutha sase-UKZN sethule izifundo zeziqu zokuqala ezintsha ku-Data Science ezizocija abafundi ukuthi baphume belungele ukubhekana nezinselelo zesikhathi samanje uma bethweswa iziqu.
Amagama: ngu-Hlengiwe Precious Khwela
Isithombe: ngu-Albert Hirasen