
Ithimba Lase-UKZN Lishaye Into Ecokeme ngama-Open Days
Click here for English version
INyuvesi yaKwaZulu-Natal (i-UKZN) ifinyelele ezinkumbini zabafundi baKwaZulu-Natali ngama-Open Day ophikweni lwaseMgungundlovu nolwase-Westville.
Lo mcimbi omkhulu waminyaka yonke unika abafundi baka-Grade 11 nabaka-Grade12 ithuba lokuthi bazi ngezifundo ezehlukene ezenziwa e-UKZN, uhlelo lokwemukelwa nendlela yokubhalisa nezinhlelo zokulekelelwa kwabafundi nosizo lwemali olukhona.
Abamele amaKolishi aseNyuvesi womane baphendule imibuzo yezivakashi, bakhipha nezincwajana ezinemininingwane ngemikhakha engafundelwa.
Izitshudeni zase-College of Health Science zihlole akade bekhona ngezinto eziningi njengokuzwa, amehlo, izinga lokushaya kwenhliziyo nesisindo; baqeqesha abafundi ukuthi uvuswa kanjani umuntu oqulekile, nangosizo lukuqala kumuntu obindiwe nangenhlanzeko yomlomo.
Umfundi ka-Grade 12 waseTshelenkosi Secondary School eShakaville, uNontobeko Sangweni, uthakasile ngokuzwa ngomkhakha wokwelapha ngokuvocavoca. Uthe: ‘Ngiyakuthanda ukwelapha abantu ngokubabhucabhuca. Ngivame ukubabhucabhuca ekhaya nalabo engifunda nabo. Ngethemba ukuthi isicelo sami sokuyofunda e-UKZN sizophumelela, ukuze ngiqeqeshelwe lo msebenzi.’
Abamele i-College of Humanities baphinde bazisa abafundi nabazali ngokudingekayo ukuze uthathwe eNyuvesi nokuthi izicelo zifakwa kanjani ngokwenza izifundo zabo. Abafundi abasuka koMdlovana naKwaDukuza bebesezikoleni eziyisithupha zaseKolishi ukuzozwa ngemikhakha abangayifundela.
Umfundi wase-Our Lady of the Rosary Secondary School uNelisiwe Maphumulo uthe: ‘Ngokuba lapha ngizwe ngayo yonke imibandela yeziqu, kwangenza ngafisa ukuzobufundela lapha ubuthisha.’ Uthe uhlose ukufunda ngokuzikhandla kumatikuletsheni ukuze athole imiphumela ezomenza athathwe eNyuvesi.
Umfundi kamatikuletsheni wase-Zakariyya Muslim School KwaDukuza, u-Husna Tayob uthe: ‘Ngifisa ukwenza iziqu ze-Psychology kanti ngikholwa wukuthi i-UKZN yiyona ndawo efanele ezongenza ngifeze leli phupho. Ukuza kwi-Open Day kungifundise izinto eziningi kanti manje kuningi engikwaziyo ngezinto engingazifundela nemibandela yokuthathwa.’
Amakhulu abafundi abavakashele amatafula olwazi ase-College of Law and Management Studies bebemagange ukuzwa ngemisebenzi kwezomthetho, i-accounting, i-information technology, ukuphathwa kwebhizinisi, ezomnotho nezezimali. Ngaphandle kokuzwa ukuthi kwenziwani eKolishi kwabafundisa khona nabalimele, abafundi bahlangane nezitshudeni zomthetho zabaxoxela ngokuthi kunjani ukuba wumfundi, babona nemibukiso yokundiziswa kweziphuphutheki zindiziswa ngabafundi be-Information Systems nabezobuchwepheshe.
Umfundi waseKwabazothini High School, uThando Nkosi, uxoxe nabamele i-School of Law ukuzwa ukuthi kudingekani uma ufisa ukufundela izifundo zomthetho. Uthe ukubona ububi besehlukaniso kubo kwamkhuthaza ukuthi enze izifundo zomthetho ogxile emindenini ukuqinisekisa ukuthi awukho umndeni owehlelwa yilokho okwehlela umndeni wakhe.
Abafundi bangomuso abavakashele imibukiso yase-College of Agriculture, Engineering and Science bazitike ngohlelo olunemibukiso ye‘milingo’ yezesayensi kaDkt Tanja Reinhardt wase-Science and Technology Education Centre. Izitshudeni zase-Agricultural, Earth and Environmental Sciences nase-Life Sciences zibakhombise izimvu, izinyoka, izingungumbane nesiKhungo sikaGesi sesiMo seZulu.
Abafundi abadala be-Chemistry ne-Physics badonse amehlo ezivakashi ngemigilingwane yabo behlola izinto emagumbini ocwaningo, benza imvula yegolide, be‘shisa’ imali, befohloza amakani. Izitshudeni ze-Physics zicele izimenywa ukuthi zibone into yamehlo ngokuqhiyama embhedeni wezipikili, zenza umbukiso wamaphethini ehlukene.
Nezinhlangano zezitshudeni bezenza into yazo, i-Pietermaritzburg Rowing Club yanika izivakashi ithuba lokugwedla imishini yayo.
Ezinye izinhlangano ebezikhona bekuyi-Golden Key Society, i-Community Development Association, i-Youth Sebenza Student Movement, Inhlangano Development Agenda, i-Christian Revival Church, i-Assembly of God, i-Campus Connect, neSivikela Ikusasa Youth Organisation.
Amagama: Ndabaonline
Izithombe: ngu-Albert Hirasen no-Itumeleng Masa